Angikhathazekile ngokulahlekelwa umsebenzi: Arthur Zwane 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi akumkhathazi ukulahlekelwa umsebenzi wakhe kulandela isimo esibi esibhekene nalezi zinkunzi zaseSoweto.

Ingcindezi iyaqhubeka kuZwane nezinsizwa zakhe ngenxa yokungadlali ngendlela egculisayo.

Ukuhlulwa iSekhukhune United kanye naMaZulu kwenze igebe phakathi kweChiefs neMamelodi Sundownseqhwakele phezulu ku-log ngamaphuzu angu-19. 

Njengoba iKaizer isazama ukwetshisa ukuhlulwa kwabo, kubukeka sengathi kuza ubunzima njengoba izobhekana neSundowns enkundleni i-FNB ngoMgqibelo.

ISundowns isinqobe imidlalo engu-11 ilandelana ye-Premier Soccer League futhi lokho kubenza kube ibona izintandokazi ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo.

Lo mdlalo uza njengoba ziya ngokuya zikhula izinkulumo zokuthi uZwane ehle esikhundleni, kusukela kubalandeli kuya kwizihlabani zebhola zakuleli kodwa umqeqeshi weChiefs ubukeka engenandaba.

“Angikhathazekile ngokulahlekelwa umsebenzi wami ngoba ngangazi ngesikhathi ngithatha lo msebenzi ukuthi kuzomele nginikeze abanye abantu ithuba,” kusho uZwane esithangamini nabezindaba.

“Engingakwazi ukuthi ngizohlala isikhathi esingakanani kulesi sikhundla.

Nginomsebenzi okufanele ngiwenze futhi ngenza lokho iqembu elingicele ukuba ngikwenze.”

Yize uZwane ethi akabazi ubuthongo ngenxa yobungozi bomsebenzi wakhe, ukaputeni weqembu u-Itumeleng Khune ucela ukungahlulelwa ngephutha alenze kuMaZulu ngempelasonto edlule.

UKhune wenze iphutha elivunele Usuthu ukuthi lishaye elinye lamagoli njengoba umdlalo uphele ngamagoli amane eqandeni, kodwa ufunge wagomela ukuthi uzokwenza kangcono uma sebebhekene neSundowns.

“Ezimweni ezinjena kumele nginyuse amasokisi. Lo mdlalo udinga sibambisane,” kusho uKhune.

“Sengidlale iminyaka engaphezu kwamashumi amabili futhi bengibizwa ngamagama. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi sengizozimisela. Angicabangi ukuthi ukubizwa ngamagama kuzosiphazamisa futhi sinxusa abalandeli bethu ukuthi baseseke ngoba ngaphandle kwabo asilutho.”

Okunye okwenza iSundowns ibe ingozi enkulu kuChiefs ukuthi umdlalo weligi uphele ngamagoli amane eqandeni okuvuna iSundowns. 

Osesithombeni esingenhla: U-Arthur Zwane

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva