Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umculi waseNingizimu Afrika uPrince Kaybee ukuphikile ukuthi washaya owesifazane eBloemfontein.
Lokhu kushiwo owaziwa ngokuthanda ukuhleba osaziwayo uMusa Khawula ku-X, ubhale wathi: “Emasontweni amabili edlule, uPrince Kaybee washaya owesifazane waseBochabela, eBloemfontein.”
UPrince Kaybee, umdidiyeli womculo osewine izindondo eziningi uphendule wathi, “Sekuphele izinyanga ezinhlanu ngingekho eBloemfontein, futhi angikaze ngishaye umuntu wesifazane impilo yami yonke, kodwa anginankinga uma ucabanga ukuthi ngikwenzile.”
???UPrince Kaybee (35) ogama lakhe langempela uKabelo Motsamai kanye nongumculi waseNingizimu Afrika ophinde abe ngusaziwayo u-Unathi Nkayi (45) kwaqubika amahlebezi okuthi bayathandana ngoNdasa.
Ukuqagela kuqale ngemuva kokuthi u-Unathi efake ividiyo yakhe noPrince Kaybee kwisithuthuthu sakhe.
Enyangeni edlule, uDJ Maphorisa wabiza uPrince Kaybee ngesihlabani socansi (pornstar) emgcona ngokuthanda kwakhe ukubukisa ngesitho sakhe sangasese ku-inthanethi.
Isithombe esingenhla: UPrince Kaybee.
Umthombo: X