Angenzanga lutho olubi: Malema

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Umholi we-EFF uJulius Malema wenqabile ukuxolisa noma ukuziphendulela ngokucula iziqubulo ezivusa uhlevana nenzondo.

Izinhlangano ezehlukene zithole isiqubulo sikaMalema esithi “Bulala iBhunu, bulala umlimi” sifana nenkulumo enenzondo.

Bayalandelana ukuvulela uMalema neqembu lakhe icala “ngokugqugquzela udlame” olubhekiswe kondlebe zikhanya ilanga kanye nokuhlukanisa isizwe.

Umholi we-Freedom Front Plus, uDkt Pieter Groenewald uthe iqembu lakhe seliqalile ukuphonsela inselelo yezomthetho elihlose ukuyilwa kuze kufikwe eNkantolo yoMthethosisekelo.

“Sesifikile isikhathi sokuthi athathelwe izinyathelo umholi we-EFF uJulius Malema mayelana nezitatimende zakhe ezinolaka kanti i-FF Plus isiphinde yasivuselela isikhalo ngalokhu emaphoyiseni nakuKhomishini Yamalungelo Abantu,” kusho uDkt Groenewald.

Ubufakazi bokuqala bokusebenzisa isiqubulo sikaMalema buvezwe phambi komkhulu le-EFF eGoli ngoLwesithathu.

Kube nokuhilizisana phakathi kwamalungu e-EFF, okuhlanganisa noNobhala uMarshall Dlamini neqeqebana lamadoda amhlophe abefuna ukuba yingxenye yesithangami sabezindaba sikaMalema.

Kodwa uMalema uqhubekile nokukhukhumala wathi onogada be-EFF bekumele babe nolaka kulabo ababahlaselayo.

“Abawenzanga kahle umsebenzi, bengifuna okungaphezu kwalokho.
Uyangazi, ngifuna ukubhekana nezinto zangempela. Angiwafuni amaphutha. Cha, ngifuna izinhlelo ezifanele. Kodwa sekuyobonakala ngokuzayo,” kusho uMalema.

UMalema uthe iNkantolo yokuLingana ivune yena ngesikhathi ikhipha isinqumo sokuthi akukho ukuxhumana phakathi kokuculwa kwezingoma zomzabalazo nodlame lobuhlanga olubhekiswe kwabamhlophe.

“Le ngoma ngizoyicula noma nini lapho ngithanda khona. Akuyona ingoma yami, ingoma yomzabalazo,” usho kanje.

Ngomhlaka-4 kuMandulo, iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala ihlelelwe ukulalela isicelo sokudluliswa kwesinqumo seNkantolo yokuLingana esitholwe yi-AfriForum.

Esithombeni esingenhla: UMalema usamile kwelokuthi usazoqhubeka nokucula iculo alithandayo

Umthombo wesithombe: @EFFSouthAfrica

Izihloko zakamuva