Angenelwe amanzi endlini amaphoyisa ase-Norwood

Dylan Bettencourt

Ngemuva  kokutholakala ukuthi kuntshontshwe izibhamu ezingu-158 esiteshini samaphoyisa, kuboshwe amaphoyisa amathathu esiteshini samaphoyisa e-Norwood eGoli.

Ucwaningo lokugcina likuqinisekisile ukuthi igumbi lakwa-SAPS elibizwa “nge-13 store” kulesi siteshi lishiywe dengwane, njengoba kwabikwa ngonyaka odlule.

Leli gumbi elaziwa “nge-13 store”  elokugcina izibhamu futhi iziteshi eziningi zamaphoyisa zinalo kanti lezi zibhamu sisuke zigcinelwe ukusetshenziswa ngamaphoyisa.

Izibhamu ezebiwe yizibhamu zikahulumeni zohlobo lwe-R1, i-R4 i-R5 kanye nama-AK-47 amaningi. Izibhamu ezebiwe kuthiwa ziyingxenye yezibhamu ezantshontshwa ngo-2014.

Uphenyo lwaqala ngonyaka odlule   esiteshini samaphoyisa e-Norwood  ngemuva kokuba  lesi siteshi sigqekezwe, kanti isibhamu esasetshenziswa  isigebengu ngalelo langa sihlobaniswe nesiteshi samaphoyisa.

Ngokushesha ngemuva kokuthi oKlebe baqale uphenyo lwabo ngalesi sigameko, umphathi we-Norwood 13 store wazibulala     okwaholela ekutheni kucwaningwe amabhuku esiteshini.

Uphiko loKlebe lwe-ballistics luvakashele lesi siteshi ngasekupheleni konyaka odlule lapho olwenza khona ucwaningo. Badubula zonke izibhamu zasesiteshini epayipini eligcwele amanzi, base besebenzisa ama-slugs ukufanisa izinhlamvu nezibhamu. Lolu hlelo yilona olunqumayo ukuthi ingabe zikhona yini ezinye izibhamu ezake zasetshenziswa ebugebengwini.

Amasheke namabhalansi kuhloswe ukuthi agcwaliswe izikhulu eziphezulu ukuqinisekisa ukuthi konke okuphumayo nokungena kuleli gumbi kuyabalwa.

Ngokusho kwe-eNCA kubikwa ukuthi izikhulu ezintathu eziphezulu esiteshini samaphoyisa zinesandla ekuntshontshweni kwezibhamu, kanti zithweswe amacala kulandela uphenyo lokugcina.

Azothweswa amacala okukhwabanisa amaphoyisa aboshiwe.

Umthombo wesithombe: @Firearms.co.za

Izihloko zakamuva