Angena elekanyana amazwi ngokudlula kwelePhalamende 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Alokhu engenile amazwi enduduzo kulandela izindaba zokushona kwelungu lephalamende le-ANC uTina Joemat-Petterson (59). UTina utholakale eshonile endlini yakhe. 

UJoemat-Petterson ubenguSihlalo weKomidi lePhalamende kwi-Policing.

UTina ubeyilungu eliphezulu kwi-ANC futhi ubehlonishwa kakhulu ngamalungu e-ANC amphakamisa ukuthi angenele isikhundla sokuba iPhini likaNobhala Jikelele wokuqala engqungqutheleni yokhetho yeqembu ngoZibandlela nyakenye.

Wahlulwa nguNomvula Mokonyane.

Njengoba wayeseka owayenguMengameli uMnu Jacob Zuma, wazifundela kwezakhe waziveza njengomlandeli kaMengameli Cyril Ramaphosa.

Lokhu kwasindisa umsebenzi wakhe wezepolitiki, kanti iKhomishana ebhekelela ubuqotho beqembu yamsusa ecaleni lokufaka iqembu ehlazweni.

Ngaphezu kwalokhu okwatholwa ngo-2019, owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela waveza ukuthi ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezolimo, amahlathi, nezokudoba ngo-2009 kuya ku-2014 uJoemat-Pettersson wasebenzisa imali engaphezu kuka-R150,000 ukuthenga amathikithi endiza ezingane zakhe ezimbili nalowo ozigadayo ohambweni lwaphesheya kwezilwandle ngo-2010.

UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe: “IKhomishini kaZondo, uMvikeli woMphakathi neziNkantolo azikaze zikhiphe imiphumela ngalolu daba. Ngenxa yalokhu kwavela ukuthi uyilungu eliziphethe kahle.”

Njengoba elakuleli libhekene nenkinga yokucishwa kukagesi, uJoemat-Petterson waqokwa njengoNgqongqoshe wezamandla ngo-2014 kuya ku-2017 kwikhabhinethi kaZuma.

Kulowo mkhakha kwalandela izinkinga eziningi ngemuva kokuba i-Strategic Fuel Fund (SFF) ibika ku-Central Energy Fund, okuyinhlangano eMnyangweni Wezamandla eyathengisa imiphongolo kawoyela yakuleli ngo-10.3 million okuyimali eyayingaphansi kwenani lemakethe.

Ngaleso sikhathi uJoemat-Petterson wathi abakwenzile bekungekhona ukudayisa, kodwa bekufana nokushintshana. Lolu daba ladalulwa eNkantolo eNkulu yase-Western Cape ngesikhathi kutholakala khona ukuthi i-SFF idayise amafutha abiza u-R7 billion kubadayisi bakawoyela abayishumi ngo-R5 billion.

Futhi ngesikhathi sakhe njengoNgqongqoshe wezamandla, iNkantolo Ephakeme yase-Western Cape yangenelela ukuze ivimbele isivumelwano sikaJoemat-Petterson sika-9.6 GW samandla enuzi ne-Russia asidlulisa ngaphandle kokuthi kukhulunywe ngaso ePhalamende.

Ingxabano yamlandela kwaze kwaba sekugcineni ngemuva kokuba umnyeni womvikeli womphakathi osamisiwe uBusisiwe Mkhwebane, uDavid Skosana evule icala koKlebe elibhekene noRichard Dyantyi, uSihlalo wekomidi lePhalamende, namalungu e-ANC ePhalamende uJoemat-Pettersson noPemmy Majodina.

USkosana wayesola uJoemat-Petterson ngokuzama ukuqola umndeni wakhe u-R600 000 ukuze amalungu ePhalamende ahoxise uphenyo oluqhubekayo mayelana nokuthi uMkhwebane ukulungele yini ukuphatha.

I-ANC ithe ibuhlungu kakhulu ngokushona kwakhe, kodwa umholi we-FF-plus uDkt Pieter Groenewald uthe akananzondo nemibono yamaqembu aphikisayo njengoSihlalo wekomidi le-portfolio.

Okhulumela i-ANC uMahlengi Bhengu uthe izinhlelo zomngcwabo zizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Isithombe esingenhla: UTina Joemat-Petterson

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva