Angeke kube khona ubulungiswa ngokubulalwa kukaCharl Kinnear singakazi ukuthi ubani okhiphe umyalo wokuthi abulawe

Cindy Portman

Mhla ziyi-18 kuMandulo ngowezi-2020 izithombe ze-CCTV zikhombisa indoda egqoke ijezi elibomvu kanye nesifonyo se-Covid-19, iya emotweni kaCharl Kinnear futhi imdubula kaningi ngefasitela. UKinnear ushonele endaweni yesigameko.

Indoda ebonakala kumakhamera e-CCTV igibele endlini kaLt-Col Charl Kinnear e-Bishop Lavis eKapa kungenzeka ukuthi bekungumdlali webhola lombhoxo uZane Kilian. Uboshiwe futhi usesitokisini. Ubufakazi obubhekene naye buningi futhi maningi amathuba okuthi agwetshwe ngecala lokubulala.

Akukho muntu, ikakhulukazi hhayi unkosikazi kaKinnear uNicolette noma amadodana akhe uCarlisle noCasleigh, ozobona lokhu njengokunqoba kobulungiswa.

Amaphoyisa aphezulu e-Western Cape athembise ubulungiswa. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele uthembise ubulungiswa.

Intatheli uCaryn Dolley udalule umbiko we-Independent Police Investigative Directorate mayelana nezimo ezithinta ukubulawa kukaKinnear.

Uthi ubufakazi buveza ithimba lamaphoyisa akhohlakele asebenza e-Western Cape – udaba olwakhishwa uKinnear eminyakeni emibili ngaphambi kokubulawa kwakhe encwadini enamakhasi angama-59 yezikhalo ayibhalela abaphathi bakhe.

Uthe amaphoyisa athile, amanye axhumene ne-Crime Intelligence, abebenzela ukumbhixa ngobubende inyama engayidlanga kanye nabanye ozakwabo. UKinnear uthe amanye amaphoyisa ahambisana noNafiz Modack, osengumsolwa ekubulaweni kukaKinnear.

Kodwa ayikho imnyakazo eyenziwa kulandela izikhalo zakhe. UKinnear wayazi kakhulu.

I-Daily Maverick ibike ukuthi umbiko oqhumayo we-Ipid kufanele ubangele ukuzamazama okukhulu kwi-Directorate for Priority Crime Investigation, eyaziwa nangokuthi oKlebe, nakwezinye izindawo kwa-SAPS lapho izikhulu kutholakale ukuthi zenze okungafanele noma ubugebengu.

Kodwa kusenezikhala ezivulekile ophenyweni. Noma ngabe uKilian nguye obulele, umbuzo osalayo uthi: ngubani omyalele ukuthi adubule?

Okushiwo uphenyo lwe-Ipid ukuthi bonke ubufakazi kanye nezixwayiso ezinikezwe i-SAPS top brass abunakwanga, akwenziwanga lutho noma okwenziwa kwenziwe sekuhambe isikhathi.

Ngakho-ke, umbuzo osabisa kakhulu – futhi ongekho nomuntu ongawuphendula – ukuthi ubani owayala ukuthi kuhoxiswe ukuvikelwa kukaKinnear ngamaphoyisa?

Angeke kube khona ubulungisa emndenini kaCharl Kinnear kuze kube ukuthi siyayiphendula leyo mibuzo.

Izihloko zakamuva