Angeke ivele nangokhalo i-Russia kowe-Euro

Dylan Bettencourt

I-Russia ngeke ikwazi ukungena emqhudelwaneni we-Euro wangonyaka ka-2024.

I-Uefa idalule ukuthi iqembu lesizwe kanye namaqembu asekhaya asuka e-Russia avaliwe ukuthi angenele umqhudelwano we-Uefa kulandela ukuhlasela kwamasosha ase-Russia e-Ukraine okuqale ngoNhlolanja.

Ukutonyulwa kwemidlalo yokuhlungela umqhudelwano ozosingathwa i-Germany kuzoba se-Frankfurt mhla ziyisishiyagalolunye kuMfumfu.

Kodwa igama lase-Russia ngeke livele ohlwini lwamazwe azobamba iqhaza embukisweni wezwekazi.

Isinyathelo sokuvala i-Russia kulo lonke ibhola lase-Europe senziwe ngomhlaka-28 kuNhlolanja sabe sesivunywa iNkantolo Yokulamula Kwezemidlalo (i-CAS) ngomhlaka-15 kuNtulikazi.

NgoNtulikazi i-Russia yafaka isicelo sokuvinjelwa kwenqwaba yemidlalo, kodwa lezo zikhalazo zachithwa i-CAS.

Ngakho-ke i-Russia ayifakiwe kuhlu lokuhlungela i-Uefa European Football Championship 2022-24,” kusho isitatimende se-Uefa.

I-Russia iphinde yakhishwa kuma-play-offs okuhlungela iNdebe yoMhlaba yase-Qatar ngoNdasa. Kusukela ngaleso sikhathi bavinjelwe eNdebeni yoMhlaba ezoba ngoLwezi.

Iqembu labesifazane linqatshelwe ukubamba iqhaza kwi-European Championships i-Portugal yathatha indawo yabo. 

Amaqembu ase-Russia abevinjwa ukuthi angenele i-Uefa Champions League, i-Europa League ne-Conference League.

Umdlalo wamanqamu we-Champions League ngesizini edlule bekumele udlalwe e-St Petersburg e-Russia, kodwa wathuthelwa edolobheni lase-Paris, e-France.

Ukaputeni wase-Ukraine u-Andriy Yarmolenko uthe unomuzwa wokuthi i-Russia kufanele ivinjelwe kuyo yonke imidlalo.

“Ibhola lase-Russia kufanelwe lihlukaniswe ngokuphelele. Leli izwe lamaphekula, izwe elibulala abantu base-Ukraine nezingane zase-Ukraine.

“Ngeke simane sikhulume ngezemidlalo uma kwenzeka into efana naleyo. Bonke abadlali base-Ukraine bafuna i-Russia ihlukaniswe kuwo wonke amazinga,” kusho yena, kubika i-The Guardian.

Umthombo wesithombe: @BeSoccer

Izihloko zakamuva