Arthur Greene
OwayenguMengameli waseMelika ophinde aziwe ngokuba umqambimanga uDonald Trump ukhulume amazwi ayiziswana ku-Elon Musk ongusozimali owazalelwa kuleli ngemuva kokuhoxisa isicelo sakhe sika-$44 billion sokuthenga i-Twitter.
“U-Elon angeke athenge i-Twitter,” kusho owayenguMengameli waseMelika etshela abalandeli bakhe embuthanweni ngempelasonto.
“Mhlampe kungenzeka ngokuhamba kwesikhathi vele akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani?” ukhulume ngenkontilela yakhe engeyinhle efaka namagama ayiziswana esho ephikelela.
UTrump ngokusobala ubecasuke kakhulu ukuthi uMusk wathi ngoNhlaba akazange amvotele ukuthi abe nguMengameli.
“Uyazi washo ngolunye usuku ukuthi akasoze avotela i-Republic,” kusho uDonald.
“Ngathuka ngoba bengingakwazi lokho wangitshela ukuthi ungivotele. Ngakho uyafana nabanye abangenalo iqiniso,” eqhubeka nokusho amagama ayiziswana.
Kuvele izindaba ngoLwesihlanu zokuthi ukuthenga kukaMusk u-Twitter sekuhoxile.
Kodwa lolu daba lusazoqhubeka njengoba inkundla yezokuxhumana ithe izomangalela uMusk ngo-$1 billion uma ezama ukusishiya lesi sivumelwano.
UTrump unesizathu esihle sokucasulwa yilezi zindaba. Ngesikhathi izindaba zesicelo sikaMusk sokuqopha umlando ngokuthenga inkundla yezokuxhumana ziqala ukuvela ngoMbasa, kube nemibiko yokuthi uzovula kabusha ama-akhawunti awo wonke umuntu obesenqatshelwe ukusebenzisa le nkundla.
UTrump uphakathi kwalabo ama-akhawunti abo avalwe unomphela ngakho-ke uzodumala ukuthi ngeke akwazi ukugqugquzela udlame nokusabalalisa ulwazi olungamanga noma nini maduze.