Ngesikhathi uMick Schumacher engena kwi-Formula 1 ubengekho umuntu aqhudelana naye ukuze azibonakalise futhi kubukeka kuzohlala kunjalo.
Imibiko iphakamisa ukuthi iqembu laseMelika eliphethwe i-Formula 1 i-Haas yenze isinqumo sokuhlukana nendodana kaMichael Schumacher kulandela i-Mexico Grand Prix.
Lo mshayeli wase-Germany oneminyaka engu-23 ubudala utshelwe iqembu ukuthi amaphuzu kuphela azomsiza ukuthi agcine isihlalo sakhe ngesizini ezayo.
Ngesikhathi sokuhlungela ngoMgqibelo uMick ubebheke ukuthi okungenani azibeke ethubeni lokuthola amaphuzu, kodwa ubhede ekujikeni kwakhe kwasuswa isikhathi sakhe se-lap okuholele ekuphumeni kwi-Q1.
Umalume kaMick, uRalf Schumacher naye ophumelele kancane kwi-Fomula 1 uthe umshana wakhe unejubane elingamsiza ahlale kwi-Fomula 1, kodwa amaphutha awenzayo iwona azomlahlekisela ngekusasa lakhe.
“Kwake kwenzeka nakuHamilton, kodwa lokho akumele kube izaba. Kuyinqubo yokufunda futhi kumele afunde ngokushesha,” kusho uRalf etshela i-Sky Deutschland.
Amahlebezi aphakamisa ukuthi owayengumshayeli we-Renault, uNico Hulkenberg uzovala isikhala sikaSchumacher ngesizini ka-2023.
Isivumelwano sokubuyisela uHulkunberg unomphela okokuqala kusukela ngo-2019 singamenyezelwa ngaphambi kwe-Brazilian Grand Prix.
“Sizobheka imininingwane yokugcina yalokho okufanele sikulungise bese sithatha isinqumo,” kusho umphathi weqembu uGunter Steiner e-Mexico.
“Lesi isinqumo esibalulekile eqenjini futhi okumele sigxile kuso.”
Okunye okungenzeka ukuthi i-Haas ingase ilungise injini ye-Ferrari kulandela izinkinga eziningi kule sizini.
“Kufanele kulungile manje njengoba kuza amayunithi kagesi amasha, futhi ngiyethemba ukuthi ngonyaka ozayo izinkinga zizobe sezixazululiwe ngoba sibe nezinkinga ezimbalwa kulo nyaka,” kusho uSteiner.
“Asikahluleki ngoba singaya kwenye indawo, kodwa lokho kungaba isinqumo esibi kakhulu kuthina.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla ngesikaMick Schumacher
Umthombo wesithombe: @PlanetF1