Arthur Greene
Uvele eNkantolo yase-Britain kuleli sonto udokotela odabuka eNingizimu Afrika ngezinsolo zokunika owesifazane inkomishi yetiye efakwe isidoda sakhe.
Umshushisi utshele iNkantolo ukuthi uDkt uNicholas John Chapman wafaka isidoda sakhe enkomishini yetiye wabe eseyinika isisulu singalindele ngoMandulo ngonyaka odlule.
Ngeshwa, isisulu sabona sesiqedile ukuliphuza itiye ukuthi lalingcolile.
Isisulu sashaqeka ngesikhathi sibona izinsalela zesidoda ngaphansi kwenkomishi engenalutho.
Isisulu sabikela amaphoyisa ngesigameko ngemuva kwezinsuku ezintathu kwabe sekuthunyelwa isampula yetiye ukuze lihlolwe elebhu, ukuqinisekisa ukuthi isidoda esitholakale enkomishini sihlobene yini nodokotela”.
UDkt uChapman ubhekene necala lobugebengu lokuzama ukuya ocansini bengalalanga nowesifazane oneminyaka engu-16 noma ngaphezulu ngaphandle kwemvume yakhe.
Lo dokotela oneminyaka engu-54 wazalelwa eNingizimu Afrika wafunda eNyuvesi yaseKapa lapho aqeqeshelwa khona ukuba ngudokotela ngo-1993.
UDkt uChapman uziphika zonke izinsolo abekwa zona kodwa umshushisi utshele iphephandaba lendawo i-Somerset County Gazette ukuthi kungenzeka ukuthi wenza ubugebengu obufanayo “izikhathi eziningi”.
Umisiwe emsebenzini wakhe esibhedlela sendawo njengoba esalinde ukuqulwa kwecala lakhe.
Ukulalelwa kwecala lakhe kungenyanga ezayo.