Celani Sikhakhane
Isiqeshana esiqoshiwe sikaNgqongqoshe wezaseKhaya u-Aaron Motsoaledi ethula inkulumo eshubile ngabantu bakwamanye amazwe engqungqutheleni yesifunda ye-ANC e-Eastern Cape sesisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Engxoxweni yakhe uMotsoaledi uveze ngokuthi uhlukile kwabanye abaholi be-ANC abangamagwala uthe “uyena kuphela onesibindi sokubiza izixhwanguxhwangu kanye nabantu abangakwazi ukuziphatha abasebenzisa intando yeningi yethu.”
UMotsoaledi utshele izithunywa zengqungquthela ye-ANC yesishiyagalombili i-Chris Hani Regional Elective Congress emasontweni amabili edlule, ukuthi ngisho neNhlangano Yezizwe ithukuthele ngendlela iNingizimu Afrika ethambisa ngayo isandla mekuza ngakubantu bakwamanye amazwe.
Uthe izwe seliphenduke inkundla yezigebengu ezibaleke emazweni azo ngenxa yokungaziphathi kahle.
“Amanye amazwe awawamukeli amaqili. Ithina kuphela izwe elamukela izixhwanguxhwangu ngisho ne-United Nations isithukuthelele,” ukukhulume lokhu etshela izinkumbi zabantu.
UMotsoaledi mhlawumbe ozobhekana nezinsolo zokucwasa kwabantu bakwamanye amazwe uqhube wathi abamele abantu bakwamanye amazwe bacasha ngesihloko esithi ukuhlukunyezwa kwabohlanga.
“EzaseKhaya uma siqinisa isandla sibizwa ngokuthi sihlukumeza abantu bakwamanye amazwe ngokobuhlanga,” kusho uMotsoaledi owayethukuthele.
“Uma ukhuluma bathatha igama elikhulu bakujikijele ngalo bese abantu baseNingizimu Afrika bashawa uvalo bevaleka. Kunegama elisetshenziswayo elithi ukuhlukumeza ngokobuhlanga.
Ngaso sonke isikhathi uma uzama ukukhombisa ukuthi kukhona okungalungile kuthiwa uhlukumeza ngokobuhlanga’,” kusho uNgqongqoshe.
“Shuthi kumele sithule sisaba igama elithi ukuhlukumeza ngokobuhlanga” kukhalaza uNgqongqoshe wezaseKhaya.
Ukuthi abamelene nabo bacashe ngezinsolo zobandlululo okuvame ukubizwa ngokuthi ikhadi lobandlululo kuyisu ebelisetshenziswa njalo owayenguMengameli waseMelika uDonald Trump.