Angase abuyele eringini owayengumpetha wesibhakela

Dylan Bettencourt

Owayengumpetha we-heavyweight noseyisosha lase-Ukraine uWladimir Klitschko useveze ukuthi angase abuyele eringini uma sekuphele impi yokuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.

Lo mshayisibhakela oneminyaka engu-46 ubudala ubeke amagilavu akhe ngonyaka ka-2017 ngemuva kokuba ngumpetha womhlaba iminyaka eyishumi nanye wahlulwa emdlalweni wakhe wokugcina eshaywa u-Anthony Joshua empini ebise-Wembley ngasekuqaleni konyaka ofanayo.

Lo mdlali wase-Ukraine wajoyina i-Kyiv Territorial Defense emzamweni wokuvikela izwe lakhe ekuhlaselweni i-Russia ngoNhlangulana.

Nokho ngemuva kokubuka uTyson Fury ehlula uDillian Whyte ngoMgqibelo ebusuku uKlitschko uthe angase abuyele eringini.

“Ngafunda ukuthi naphezu kwempi akufanele ukhohlwe ukuphila. Ezemidlalo ziyingxenye yempilo yami futhi kuyangijabulisa ukuthi uTyson Fury uwinile,” etshela i-BILD.

“Kwazi bani angifuni ukuthembisa into enkulu, kodwa uma ngisesimeni esihle  ngaphezu kwakho konke futhi impi yase-Ukraine izophela maduze nokuthi imingcele yethu izobe ikhona ngaphandle kokuhlasela okuvela e-Russia ekugcineni ngubani owaziyo?”

UKlitschko wengeze ngokuthi ithuba lokudlula irekhodi likaGeorge Foreman lokuba ngumpetha omdala we-heavyweight into engamlinga ukuthi abuye.

“Lokho kuyangigqugquzela ukuthi ngivuke nsuku zonke ngenze ezemidlalo. Wonke umuntu unenhloso yakhe,” kusho lo mdlali.

UForeman waphinde wathola isikhundla sakhe sokuba ngumpetha womhlaba ngoLwezi ngonyaka-1994, eneminyaka engu-45.

UKlitschko ubambe amabhande iminyaka engaphezu kweshumi ngaphambi kokuthi uFury amkhumule kwesinye sezigigaba ezinkulu kunazo zonke kwezemidlalo ngo-2015.

UFury wehlule uKlitschko e-Germany umdlalo wempinda awuphumelelanga njengoba umpetha omusha ebenenkinga yengqondo.

Mancane amathuba okuthi uKlitschko ayithole leyo mpinda njengoba uFury ememezele ukuthi uyesula ngoMgqibelo wathi usefeze zonke izinhloso zakhe kulo mdlalo.

“Lokhu kungase kube ikhethini lokugcina leGypsy King. Le indlela yokuphuma kwami sengifeze konke ebengifuna ukukuzuza,” kusho uFury.

“Ngizothatha umhlalaphansi njengompetha wesibili kwi-heavyweight ngemuva kuka-Rocky Marciano othathe umhlalaphansi ungekho umdlalo asanda kuhlulwa kuwo.”

Umthombo wesithombe: @APNews

Izihloko zakamuva