Dylan Bettencourt
I-Australian Open ithe bangamamukela umpetha uNovak Djokovic ukuthi abuyele emqhudelwaneni we-Grand Slam uma nje ethole i-visa yokungena ezweni labo.
UDjokovic osenqobe lo mqhudelwano izikhathi eziyisishiyagalolunye, wavalwa ukuthi angene e-Australia kuze kube u-2025 kulandela isigameko se-Covid-19 ekuqaleni kwalo nyaka.
Uhulumeni wase-Australia usengakuhoxisa ukuvinjelwa kwakhe esikhathini esizayo anikeze uDjokovic i-visa.
Umqondisi womqhudelwano uCraig Tiley uthe abakwazanga ukunxenxa isihlabani sethenisi sase-Serbia ukuthi sidlale ku-Grand Slam yokuqala yangonyaka ozayo.
“Akuyona indaba esingayinxenxa. UNovak kanye nohulumeni wobumbano badinga ukulungisa isimo bese sizolandela noma imiphi imiyalelo ngemuva kwalokho,” kusho uTiley kubika i-BBC.
“Uma evunyelwa singamamukela ku-Australian Open.”
UDjokovic ungumdlali wokuqala emhlabeni ophuthelwe ama-Grand Slam amabili kulo nyaka ngenxa yokugonywa kwakhe.
Lo mdlali owine i-Grand Slam izikhathi ezingu-21 waqhudelana kuphela ku-French Open nakwi-Wimbledon okuyilapho aphumelele khona.
Izikhalo zokuvumela uDjokovic ukuthi aqhudelane ziqhamuke ngemuva kokuthi abadlali base-Russia nabase-Belarusian benikezwe imvume yokudlala inqobo nje uma bedlala ngaphansi kwamafulegi angathathi hlangothi.
“Ngeke bakwazi ukubamba iqhaza kunoma ikuphi okufana neculo lase-Russia futhi kufanele badlale njengabadlali abazimele ngaphansi kwegama elingathathi hlangothi,” kusho uTiley.
Kodwa uNgqongqoshe Wezasekhaya e-Australia, uKaren Andrews uthe kuleli sonto ukubuyisa uDjokovic angeke kube kuhle kulaba abathatha isikhathi sabo baya ukuyogoma.
UDjokovic kuze kube manje wakhetha ukungazibandakanyi emicimbini yethenisi ngenxa yokugonyelwa i-Covid-19.
Ukungafuni kwakhe ukugoma kuze kube yimanje kumlahlekisele ngethuba lokuwina ama-Grand Slam amabili okumvimbe ekuphuleni irekhodi lezicoco eziningi ze-Grand Slam eziwinwe ngumdlali wesilisa.
Lelo rekhodi liphethwe imbangi yakhe uRafael Nadal onama-Grand Slams angu-22 egameni lakhe.
Isithombe esinenhla ngesikaNovak Djokovic
Umthombo wesithombe: @TheWashingtonPost