Angaphezu kuka-1,800 amacala okudlwengulwa kwezingane ahoxisiwe njengoba amalebhu e-DNA esilela ngemuva

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ikomidi lamaphoyisa ePhalamende lithi angu-1,853 amacala okudlwengula ahoxisiwe phakathi kuka-2020 no-2025, lixwayisa ngokuthi amalungu e-SAPS avumela lokhu aphula imithetho.

Amalebhu aseNingizimu Afrika ochwepheshe asilela emiva, izinsiza zama-rape kits ziyaphela ezweni lonke, futhi awukho umgomo oqondisa amaphoyisa mayelana nendlela yokuphenya ngokudlwengulwa kwezingane.

Angaphezu kuka-1,800 amacala okudlwengulwa kwezingane avaliwe eNingizimu Afrika eminyakeni emihlanu. IPhalamende lithi lokho kumele kuphele.

Uma ingane idlwenguliwe, amaphoyisa kufanele aqoqe ubufakazi akhe icala. Kodwa amalebhu ahlola lobo bufakazi ahamba kancane kakhulu. Amakhithi okuqoqwa lobo bufakazi ayaphela. Futhi abekho abaseshi abanele abaqeqeshelwe ukuphatha la macala ngendlela efanele.

Phakathi kuka-2020 no-2025, angu-1,853 amacala ahoxisiwe.

Ikomidi lamaphoyisa ePhalamende lithi amaphoyisa avala la macala asuke ephula imithetho.

Usihlalo wekomiti u-Ian Cameron uthe isimo endaweni yamaphoyisa asamukelekile.

“Ezweni elibhekene nezigigaba zokudlwengulwa lokhu akubekezeleleki,” usho kanje.

Ngisho noma amacala efika enkantolo, ukuqulwa kwalo kuhamba kancane.

UCameron uthe lokho kuvumela abenzi bobubi bahambe ngaphandle kwemiphumela.

Amayunithi okufanele avikele izingane, aphathe amacala okuhlukunyezwa futhi aphenye amacala ocansi awanawo amathuluzi noma izinsiza ezidingekayo. Kuthenjiswe abanye abaseshi, kodwa ikomidi lithi izethembiso azanele.

Awukho futhi umgomo ocacile otshela amaphoyisa ukuthi kumele asingathwe kanjani amacala okudlwengulwa kwezingane. Ikomiti litshele inhlangano kahulumeni eyengamele iSAPS ukuthi ikulungise ngokushesha lokho.

Amacala amaningi awabikwa nhlobo. Ukubika ukudlwengulwa kwengane kuyadingeka ngokomthetho, kodwa namanje akwenzeki kaningi ngokwanele. Ikomiti lifuna bathathelwe izinyathelo abantu abadala abathula nalamacala.

Esithombeni esingenhla: Ohola iKomidi LePhalamende Lokusebenza KwamaPhoyisa u-Ian Cameron ngesikhathi kuhlezi ikomidi.

Umthombo wesithombe:IParliament of the Republic of South Africa

Izihloko zakamuva