Dylan Bettencourt
Kwezemidlalo kunezikhathi zokukhunjulwa nezikhathi zokukhohlwa kanti nethuba lokuqopha umlando lifika kanye empilweni.
➤ I-Orlando Pirates inethuba eliyingqayisivele lokuqopha umlando ngokunqoba i-CAF Confederation Cup okokuqala ngqa.
Akuyona imfihlo ukuthi ompetha base-Soweto abesebona ompetha.
I-Pirates yagcina ukunqoba isicoco ngonyaka ka-2020 kwi-MTN8 okwaqeda isomiso seminyaka eyisithupha.
Kodwa e-Nigeria namhlanje ebusuku i-Pirates inethuba lokukhombisa izwekazi lonke ukuthi bangakwazi ukubuyisa isithunzi sabo.
Yize i-Pirates idonsa kanzima kuleli kule sizini izithole isingene kowamanqamu we-Confederation Cup okokuqala ngqa kusukela ngo-2015.
Ngemuva kokuhlulwa kulowo mdlalo wamanqamu i-Pirate izobhekisa amabombo e-Godswill Akpabio International Stadium ngoLwesihlanu ngehora lesishiyagalolunye ebusuku futhi basethubeni lokuqopha umlando.
Umdlalo we-Orlando Pirates ne-RSB Berkane uzovezwa bukhoma ku-DStv channel 202.
➤ Ompetha bazothweswa umqhele futhi izinhliziyo zizophuka kwi-Premier League njengoba umjaho wesicoco wehlela osukwini lokugcina. Umdlalo wamanqamu we-Premier League uzokuba ngeSonto njengoba yonke imidlalo izoqala ngehora lesihlanu.
I-Manchester City iqhwakele ngephuzu elilodwa kwi-Liverpool. U-Pep Guardiola kanye neqembu lakhe ledolobha bamukela i-Aston Villa ephethwe ngowayengukaputeni we-Liverpool isikhathi eside uSteven Gerrard.
Ngakolunye uhlangothi i-Liverpool izokwamukela i-Wolverhampton Wanderers.
Ama-Reds adinga i-City ukuthi ilahle amaphuzu ngokulingana noma ngokuhlulwa okungasho ukunqoba kwe-Liverpool futhi ibanikeze isicoco se-Premier League.
I-Liverpool yagcina ukunqoba iligi ngo-2020 kanti i-City yathatha isicoco sesizini edlule.
Yonke imidlalo yokugcina ye-Premier League izokhonjiswa bukhoma kwi-DStv channel 203.
➤ I-Formula 1 ilibangise e-Spain kule mpelasonto futhi uMax Verstappen ubukeka eyinqoba kathathu i-Grand Prix ilandelana.
Umshayeli we-Ferrari uCharles Leclerc usehamba phambili ngamaphuzu angu-19 esicongweni sabashayeli kodwa uVerstappen njengoba eshaya into ecokeme lokho kungase kushintshe e-Spain.
Iqembu i-Red Bull lisele ngamaphuzu ayisithupha kuphela eqenjini le-Ferrari njengoba umshayeli walo uCarlos Sainz ethwale kanzima emijahweni embalwa edlule.
UVerstappen uwine isicoco somshayeli ngonyaka odlule kodwa i-Red Bull isathungatha isicoco somakhi futhi ngendlela abakuyo njengamanje ibukeka iyinhle endleleni yokufuna ukuhlonishwa.
I-Spanish Grand Prix sizoqala ngehora lesihlanu ntambama kuleli Sonto sizodlala bukhoma kwi-DStv channel 215.
Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE