Menzi Magubane
Kungenzeka ukuthi amaBhakabhaka adonsa kanzima kwiligi futhi isengcupheni yokuphuthwa i-CAF Confederation Cup ngesizini ezayo, kodwa ngeSonto leli qembu linikeze abalandeli balo into abangayijabulela.
AmaBhakabhaka adlulele kowandulela owamanqamu e-CAF Confederation Cup ngemuva kokuhlula iqembu lase-Tanzania i-Simba sekukhahlelwa amaphenalthi.
Njengamanje amaBhakabhaka asendaweni yesihlanu kwi-log ye-DStv Premiership kanti isivele isihluliwe isicoco seligi.
Nabo basengcupheni yokuhluleka ukuqeda endaweni yesibili obekungabaqinisekisela indawo kwi-Confederations Cup ngesizini ezayo.
Ngemuva kokuthi umqeqeshi uJosef Zinnbauer esule eqenjini lamaBhakabhaka ekuqaleni kwesizini iqembu lithwale kanzima langakwazi kudlala ngokuzimisela.
Abaqeqeshi abathathe izintambo uMandla Ncikazi noFadlu Davids babe nengcindezi yabalandeli kusukela uZinnbauer ehambile.
Kodwa ukuhlula i-Simba ngeSonto kungenzeka kubanike ukukhululeka futhi kwazi bani mhlawumbe abalandeli bazoqala nokubathanda emidlalweni ezayo.
Uma sikhuluma iqiniso laba babukeka bengabantu abangajabula kakhulu uma iqembu lingadla isicoco se-Confederations Cup.
Kunjalo nje laba bobabili bahole iqembu lafinyelela esigabeni sokugcina somqhudelwano okuyinto eyaqala ukwenzeka ngonyaka ka-2015. Ngaleso sikhathi amaBhakabhaka aze afinyelela kowamanqamu kodwa ngeshwa ahlulwa iqembu lase-Tunisia, i-Etoile du Sahel.
Kulokhu amaBhakabhaka azobe ebheke ukwenza kangcono kunonyaka ka-2015 ngokuphakamisa okuzobe kungokokuqala ngqa. Abantu baseNingizimu Afrika bazobe bengemuva kwabo kowandulela owamanqamu njengoba sekusele leli qembu kuphela futhi ilona elomela iNingizimu Afrika.
Ngesikhathi kuqala lo mqhudelwano wamazwekazi ngoMfumfu nyakenye i-Mamelodi Sundowns naMaZulu bebemele izwe kwi-Champions League.
I-Sundowns ikhishwe ngoMgqibelo kuma-quarter-final kwathi aMaZulu akhishwa kweyamaqoqo.
Kwi-Confederations Cup bekukhona i-Marumo Gallants namaBhakabhaka obekuyibona abazophakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika.
Kodwa ama-Gallants awakwazanga ukungena ngisho kweyamaqoqo njengoba ekhishwe kuma-play-offs.
Wonke amehlo nokwesekwa sekuzoba ngemuva kwamaBhakabhaka azobe ebhekene ne-Al Ahli Tripoli yase-Libya mhla ziyisishiyagalombili kuNhlaba emdlalweni owandulela owamanqamu wokuqala.
UNcikazi noDavids basalelwe imidlalo emibili nje vo ukuthi balandele uRoger De Sa no-Eric Tinkler abangabaqeqeshi bokuqala ukuqondisa i-Pirates kowamanqamu e-Confederations Cup ngo-2015.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE