Abantu abame kancane, kuseseva ukuthi singatusa iSundowns njengezintandokazi ze-Champions League, kubhala uMichael Madyira.
Kumasizini amathathu adlule, iMamelodi Sundowns ibe ngompetha base-Afrika ngesikhathi sesigaba samaqoqo emqhudelwaneni wamaqembu aphezulu ezweni, kodwa hhayi kwi-CAF.
Leli qembu livelele esigabeni samaqoqo okuholele ekutheni kukhulunywe ngalo njengeqembu elingaphakamisa isicoco se-CAF Champions League.
Emkhankasweni ka-2019/20, baqede ku-Group C ngamaphuzu amahlanu esicongweni ngaphambi kwe-Wydad Casablanca eyayisendaweni yesibili kodwa i-Al Ahly yabakhipha kuma-quarter-final.
Ngesizini elandelayo, bahlula i-TP Mazembe eyayinemidlalo engu-74 ingakaze ihlulwe emiqhudelwaneni ye-CAF eyayiqale ngo-2009 futhi baqeda ngamaphuzu amane beqhwakele phezulu ku-Group B.
Kodwa i-Al Ahly yabuya yabakhipha esigabeni sama-quarter final.
Lezi zinkunzi zase-Tshwane ziphinde zajabulela imidlalo yangesizini edlule, lapho ezahlula khona i-Al Ahly ekhaya nasekuhambeni.
Lo mdlalo abawubonanga njengomqhudelwano kubona njengoba benqobe ngamaphuzu ayisithupha. Impi yangempela ibiphakathi kwe-Al Ahly, i-Al Hilal ne-Al Merrikh bebanga indawo yesibili.
Kodwa izikhondlakhondla zase-Angola i-Petro Atletico ibakhiphe kabuhlungu kuhlu lwamaqembu ayisishiyagalombili.
Kodwa iSundowns iphinde yabuya kuyona le sizini.
Kuze kube manje sebeyinqobile imidlalo yabo emibili ka-Group B, okuhlanganisa nokukhipha i-Cotonsport Garoua ngamagoli amathathu kwelilodwa ekuhambeni e-Cameroon ngesonto eledlule.
Ngaphambi kohambo lwangempelasonto oluya e-Al Ahly, iSundowns isabise ngokudala esinye isihluku e-Cairo.
Umdlali abamthembile uCassius Mailula oneminyaka engu-21 ubudala osenamagoli amathathu emidlalweni emibili yamaqoqo.
Kodwa uma kubhekwa amasizini amathathu edlule, sekunzima kakhulu ukulindela lukhulu kuSundowns e-Afrika.
Nakuba kungaba lula kakhulu ukusho ukuthi kuzokwenzekani kubo uma besekhaya, kuyindaba ehluke ngokuphelele ezwenikazi.
Ngisho nangemuva kwemidlalo egculisayo esigabeni samaqoqo, ukushaywa kwi-Champions League kuseyinto engenzeka kwiSundowns.
Ngo-2018, baze bafinyelela kowandulela owamanqamu kodwa manje umshikashika wama-quarter-final ubukeka njengesiqalekiso kubona njengoba beqhubeka nokuzabalaza ukuthola isicoco sokuqala se-Champions League kusukela ngo-2016.
Isithombe esingenhla: Abadlali beMamelodi Sundowns bebingelela abalandeli babo
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns