Amehlo athe njo kowethenisi

Dylan Bettencourt

Ubuhlungu bokubuka uRafael Nadal edlala ngokuzimisela ezakhela irekhodi naye abengakwazi ukuzakhela lona, kungaba yisona isizathu esingenza ukuthi uNovak Djokovic  athathe umgomo we-Covid-19.

Lo mdlalo wethenisi uchithe isikhathi esiningi enqaba ukuthatha umgomo we-Covid okuholele ekutheni akhishwe e-Australia – kabili. Kodwa noma ngabe ubenethuba lokuzakhela irekhodi kwisicoco se-21st Grand Slam kuma-singles abesilisa, ubengeke avume.

Ukuvikela labo abaseduze kwakhe ekutholeni leli gciwane kubonakala sengathi akukaze kwaba into eyinkinga.

Kodwa ekugcineni kube buhlungu ukubukela imbangi yakhe ithatha irekhodi okwenze ukuthi lo mdlali wethenisi wacabanga ukuthatha umgomo naye.

Samsung Galaxy 14G

“ Ngicabanga ukuthi uzothola umgomo we-Covid,” kusho umbhali uDaniel Muksch.

“Mhlawumbe umdlalo wamanqamu e-Melbourne nawo ube nesandla kulokho. URafael Nadal oneminyaka engu-21 uyena ohamba phambili. 

UDjokovic nomndeni wakhe ikakhulukazi ubaba wakhe  bebengafihli ngento abakade beyicabanga ngomgomo kuze kube manje.

Kodwa njengoba uNadal ebanga isicoco sakhe se-21st Grand Slam, okuyirekhodi okungekho omunye umdlali wethenisi wesilisa owake walizuza, kufanele ukuthi kwaba injabulo enhliziyweni yesihlabani sethenisi sase-Serbia.

Iqembu likaDjokovic nabalandeli balo lisazozizwa lisenalo elinye ithuba lokuphatha irekhodi lezicoco eziningi ze-Grand Slam kodwa njengoba i-French Open ezayo iyalela bonke abasubathi ukuthi bagonywe, lelo themba laqala lehla.

Kuningi okungashiwo ngokunqikaza kukaDjokovic kodwa akungabazeki ukuthi ufuna ikusasa kwithenisi futhi ukuze akwenze lokho udinga ukuthatha umgomo noma azibeke engcupheni yokusalela emuva.

Yize singekho isiqiniseko esisemthethweni sokuthi lo wesilisa oneminyaka engu-34 ubudala uzodla umhlanganiso, ababaningi abantu abakuhlomele kangcono ukusabalalisa lolo lwazi kunombhali wakhe. Incwadi enesihloko esithi-A Lifetime At War izophuma ngoNdasa.

Bonke abathandi bethenisi bazobe besonqenqemeni lwezihlalo zabo belindele ukuzwa ukuthi uDjokovic uzowuthatha yini umgomo njengoba lokhu kuzokwenza abantu abaningi bashaqeke ngesinqumo sakhe. 

I-Grand Slam yesibili yonyaka, eyaziwa nge-French Open, kulindeleke ukuthi iqale ngomhlaka-22 kuNhlaba futhi izoqhubeka kuze kube umhlaka-5 kuNhlangulana. 

Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes

Scrolla World Cup Quiz