Amazwibela ngesabelomali sikaGodongwana

Toby Shapshak

Intsha ehola ngaphansi kuka-R91,250 ngonyaka ngeke iyikhokhe intela, ngokohlelo olusha lwentela olukhuthaza izinkampani ukuthi ziqashe intsha.

Lokhu kungezinye zezinto ezimbalwa ezigqamile kwisabelomali sokuqala esithulwe nguNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana, ngoLwesithathu.

Kube nokukhululeka kwentela ka-R5.2 billion kwabanye abakhokhi bentela, ngesikhathi uGodongwana ehlisa intela yenkampani ngo-1% – yehla yaya ku-27%.

Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi ayizange inyuswe intela kaphethiloli nodizili noma isibonelo se-Road Accident Fund – enyusa izindleko zakho konke ngoba kubiza kakhulu ukuzithwala.

Samsung Galaxy 14G

“Sishintsha isimo,” kusho uGodongwana. “Asidluli embonweni wezimali futhi ngikhululekile manje kunangesikhathi ngithatha lo msebenzi ukuthi sinamandla okushintsha izinto.”

Ngaphandle kwezinkinga zomvalelo kanye nomthelela emnothweni, iNingizimu Afrika ibe nentela elinganiselwa ku-R182 billion – ingxenye yayo izosetshenziselwa ukukhokha isikweletu esikhulu sezwe.

“Isidingo sethu sokuboleka siyancipha,” kusho uMqondisi-Jikelele woMgcinimafa kaZwelonke uDondo Mogajane. “Sisendleleni yokusimama kwezimali – ngoba sisebenzisa kahle lezi zinzuzo ezincane esizitholayo. Asigcini nje ngokuchitha imali, sikhokha izikweletu zethu futhi sehlisa imali esiyibolekile”.

Imali yesibonelelo sikahulumeni yabangasebenzi engu-R350 ngenyanga isilulwe ngomunye unyaka, izodla izigidigidi ezingu-R44. Izingxoxo mayelana nemali eyisibonelelo sikahulumeni zihlehliselwe uMfumfu.

Inkampani yomshwalense engaphansi kukahulumeni, i-Sasria, eyathola izinkokhelo ezinkulu ngemuva kwezibhelu zangoNtulikazi odlule, yathola u-R7 billion ukuze isize ukukhokhela izicelo.

Scrolla World Cup Quiz