
Sizwe Sibiya
Ngemuva kokushona kabuhlungu komlingisi ongumakadebona uPatrick Shai ngesonto eledlule, sekuqubuke izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nokuthi kungani ezibulele.
Umngani omkhulu kaShai, uThabang Sefotho, ukhulume naye ngaphambi kokuba ashone, futhi manje ufuna ukuchaza konke.
“NgoLwesibili olwedlule, ngiyacabanga ngemuva kokuthi kwenzeke isigameko sikaCassper ezinkundleni zokuxhumana ngikhulume naye. Ngimshayele ucingo waxolisa kakhulu. Ubebuhlungu impela, uze wakhala ocingweni. Ubephatheke kabi emoyeni,” kusho uSefotho kumsakazo i-Radio 702.
Lo mlungisi obeneminyaka engu-65, ube sematheni ngaphambi nje kokushona kwakhe ngesikhathi ephumela obala ephonsela umrepha uCassper Nyovest inselelo yokuthi alwe naye ngaphambi kokuthi axolise kulo mrepha ngokudelela umama wakhe.
Ividiyo kaShai kanye nokuxolisa kwakhe okwalandela kubangele izimpendulo ezingezinhle ezinkundleni zokuxhumana ebezinemiyalezo eyinhlamba ethunyelwe kulo mlingisi.
“Amazwi akhe okugcina kimina uthe: ‘Ngizamile ukuxhumana noCassper nomndeni wakhe, futhi ngisakhuluma nabaphathi kodwa angisakwazi ukubekezelela izinhlamba engithukwa ngazo ezinkundleni zokuxhumana kuyangilimaza kakhulu,” kusho uSefotho.
USefotho uphinde wafisa ukugqamisa umsebenzi kaShai azibophezele kuwo impilo yakhe yonke. Ubeyisishoshovu esishisekayo esilwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Isidumbu sikaShai sitholwe ngunkosikazi wakhe uMasechaba ngeSonto ekuseni, ngemuva kwezinsuku ezintathu efake ividiyo enkundleni yezokuxhumana ephonsela uCassper inselelo emdlalweni omnandi wesibhakela.
I-SABC ibike ukuthi uShai uzofihlwa ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: Twitter