Amazwi kaMbhishobhi akuthaze umasipala ukuhlanza idolobha 

Bekuyisigameko okumele sibonwe ukuze sizokholakala – futhi ngenhlanhla siqoshwe ikhamera.

Ngolunye usuku ekuseni kuleli sonto uMbhishobhi uSteve Moreo we-Johannesburg Anglican Diocese uhambe ngaphandle kwezindonga ze-St Mary’s Cathedral futhi wethule inkulumo enothando.

Egqoke izingubo zakhe futhi enothando oluvuthayo emehlweni akhe, uMbhishobhi uMoreo ukhulume ngodoti ongaphandle kwethempeli elikhulu ovunyelwe ukuthi unqwabelene ezindongweni zalo.

“Angikaze ngiyibone into efana nalena – ikakhulukazi edolobheni lase-Afrika elisezingeni lomhlaba!” Ubabaze isixuku ebesibuthene kuye.

Bekufanele ukuthi athukuthele futhi uthando lwakhe beluthelelana. Ngesikhathi ememeza ethi “Hosana!” isixuku sisho lokho ngemuva kwakhe.

Ukhwele wadilika kwimeya uMpho Phalatse ngodoti oshiyelwe ukuthi ubole enkabeni yeGoli.

“Meya kanye nohulumeni wasekhaya angicabangi ukuthi emagumbini wenu ninento efana nale,” kusho uMbhishobhi ekhomba ezindundumeni zikadoti ezinukayo.

Ngemuva kwalokho umasipala waseGoli ufike namaloli alo emfucumfucu eselungele ukwenza umsebenzi omkhulu wokuhlanza.

Ngokuthobeka umasipala uqale ukuhlanza idolobha ngemuva kwamagama ahlabayo kaMbhishobhi. Kwesinye isikhathi izimangaliso ziyenzeka!

Luhlanganiswe ngu-Arthur Greene

Esithombeni esingenhla: UMbhishobhi uSteve Moreo 

Umthombo wesithombe: @RediTlhabi

Izihloko zakamuva