Philani Mzila
Isihlabani sama-piano uKiller Kau, ogama lakhe langempela nguSakhile Hlatshwayo, ubekwe endaweni yakhe yokugcina enkonzweni yomngcwabo ebise-Protea South Hall ngeSonto.
UKiller Kau udlule emhlabeni ngesonto eledlule nabangani bakhe abahlanu, okubalwa kubo uMpura (igama langempela uMongezi Stuurman) noDJ Tot ogama lakhe langempela nguThando Sibisi.
Ekhuluma emngcwabeni kaKiller Kau, umamncane kaSakhile uLungile Hlatshwayo uthe bekuyiphupho likaKiller Kau ukuba ngumculi ngokugcwele.
“Ngesikhathi uSakhile enza ibanga le-12, wangitshela ukuthi ufuna ukuqhuba umculo njengomsebenzi ogcwele,” esho.
“Ngimeluleke ngokuthi aqede umatikuletsheni wakhe kuqala, nangempela wakwenza. Namanje angikakholwa ukuthi ngimi lapha ngizovalelisa okokugcina kwindodana yami. Uyiqhawe lethu futhi uyoba yiqhawe kuze kube phakade nasesizukulwaneni esizayo”.
UDJ Tot wase-Jabavu, e-Soweto ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo emathuneni afanayo, kanti uMpura uzofihlwa ngoLwesibili.
Ama-Showstoppers noRetha babephakathi kwabaculi abacule enkonzweni yesikhumbuzo kaKiller Kau.
USakhile waduma ngowezi-2017 ngesikhathi kusabalala ividiyo yakhe yengoma ethi-“Tholukuthi”.
Uqhubeke nokukhiqiza izingoma ezifana no-“Lebanta”, i-“Kataliya” kanye nethi-“Amaneighbor”.
Uphinde waqokwa ku-best amapiano collaboration kuma-SA Amapiano Awards ngowezi-2020.