Linda Ximba
AmaZulu FC kulindeleke ukuthi abhekane nesijeziso se-FIFA kanye neNkantolo Yezokulamula, ngemuva kokuphula imigomo yezinkontilekeni zabaqeqeshi beqembu bakudala.
UCavin Johnson, manje ongumsizi kaPitso Mosimane ku-Al Ahly, waxoshwa AmaZulu FC ngoMandulo ngowezi-2019.
Wayesele neminyaka emibili esivumelwaneni sakhe ngaleso sikhathi.
UJosef Vukusic, owangena esikhundleni sikaJohnson waxoshwa ngoNcwaba ngowezi-2020. Le kilabhu yaseThekwini ibithola imiphumela engemihle okuyisizathu sokukhomba laba baqeqeshi indlela.
Ummeli kaVukusic, uRatshibvumo Mulovhedzi, ukuqinisekisile ku-Scrolla.Africa ukuthi umeluleki wase-Slovakia udlulisele leli cala kwi-FIFA.
“Sikholwa wukuthi sinecala eliqinile elibhekene naMaZulu ngoba inqamule inkontileka yakhe kungazelelwe. Sifuna ukukhokhelwa izi-R500,000. Siyethemba ukuthi ubulungiswa buzokwenziwa futhi AmaZulu azofundiswa isifundo,” kusho uMulovhedzi, engeza ngokuthi ikhasimende lakhe selibuyile ekhaya futhi likulungele ukwenza noma yimuphi umsebenzi.
Ummeli uMike Makaab uthe akasammele uJohnson kodwa i-Scrolla.Afrika iyakuqonda ukuthi lo mqeqeshi udlulisele udaba lwakhe ku-CAS e-Switzerland.
Isikhulu sezindaba kuMaZulu uBrilliant Mkhathini ukuqinisekisile ukuthi iqembu liyawazi amacala. “Engikutshelwe ngabaphathi ukuthi amacala asalindiwe. Kuke kwaba nokuhlehliswa okuyisikhathi ngenxa ye-FIFA,” kusho uMkhathini.
Uma kwenzeka isinqumo senkantolo sivuna laba baqeqeshi bobabili, AmaZulu FC kulindeleke ukuthi ahlukane nezigidi. Esikhathini esiningi, uma abasolwa bebizelwa ngaphambi kwamacala okuqondiswa kwezigwegwe yi-FIFA, bajwayele ukujeza.
Eminyakeni emibili edlule, AmaZulu FC ahlawuliswa imali engaphezu kwezigidi ezi-R1 futhi aphucwa amaphuzu ayisithupha ngemuva kokutholakala enecala lokwephula inkontileka yomqeqeshi wase-Namibia uPhineas Nambadi.
Umthombo wesithombe: @JosefVukusic