Menzi Magubane
AmaZulu azimisele ukuzwisa i-Orlando Pirates ubuhlungu esazikhotha amanxeba ngemuva kokuhlulwa yiRaja Casablanca.
IRaja ishaye iBucs ngo 4-0 ukuze inqobe ngo 5-1 sekuhlanganiswe amaphuzu omabili, nokuyikhipha ngokuqinile kwi-CAF Confederation Cup.
NgoLwesine iPirates izobhekana no-Usuthu kowe-DStv Premiership e-Orlando Stadium e-Soweto ngehora le-5 ntambama.
Usuthu luhlulwe emdlalweni walo wokugcina ekhaya yiBaroka FC nokuyilapho belushiye khona umbango wesicoco seligi lwashiya iMamelodi Sundowns izintandokazi zidle umhlanganiso.
Umgadli waMaZulu, uLehlohonolo Majoro uthe kufanele bavuke bazicoshe ngemuva kokuhlulwa yiBaroka.
“Kumele siqinisekise ukuthi siyawathola amaphuzu amathathu. Futhi sidinga ukuthola lawo maphuzu sibhekene nePirates manje egijima umjaho ofanayo nowethu,” kusho yena.
Khonamanjalo, umqeqeshi weBucs uJosef Zinnbauer akakwazi ukulahlekelwa yilaba balandeli beqembu abafuna igazi lakhe.
Umbhalo wombhikisho ohleliwe mhla zi-5 kuNhlangulana, ubulokhu wenza imizuliswano ezinkundleni zokuxhumana ezahlukahlukene kanye ne-hashtag ethi- #JZOut.
“Kunabalandeli abathile abacasukile ngemuva kwale midlalo esihlulwe kuyo,” kusho uZinnbauer emcimbini wokwethulwa kwe-Carling Black Label ngoLwesibili.
Uveze ukuthi banqobe isicoco kule sizini futhi bakwi-quarter final ye-CAF.
“Yebo, kungaba khona okubi, kodwa sibona olunye uhlangothi oluhle,” esho.
Umbhikisho wePirates ulandela ngemuva kokuthi abalandeli beKaizer Chiefs beyise izikhalazo zabo e-Naturena bezwakalisa ukuphoxeka kwabo ngoGavin Hunt nokwenza kabi kweqembu ikakhulukazi kwi-Premiership.
Umthombo wesithombe: @orlandopirates