AmaZulu asezithendeni zeSundowns

Menzi Magubane

Izinga lokushuba kwezinto etafuleni le-DStv Premiership liya ngokhuphuka njengoba AmaZulu evale igebe ngokuthola amaphuzu abasondeze eduze nabaholi be-log iMamelodi Sundowns, esibashiya ngephuzu elilodwa. AmaZulu adlangile athole ukunqoba okukhulu kule sizini njengoba benenebule iCape Town City ngo 5-1 eKapa.

Bekungokokuqala ukuthi uBenni McCarthy avakashele eKapa ngemuva kokushiya iCitizens njengomqeqeshi wayo omkhulu ngowe-2019. Amagoli ka-Augustine Mulenga, uTapelo Nyongo, uLehlohonolo Majoro, uLuvuyo Memela noSiyethemba Sithebe enze isiqiniseko sokuthi uMcCarthy ushiya ukunambitheka okubi emlonyeni womqashi wakhe wangaphambilini.

UFagrie Lakay unikeze iCity igoli lokududuza. Njengamanje Usuthu luphefumulela phezulu intameni yeSundowns kanti ukunqoba kwalo ngoLwesithathu ebusuku kukubeke kwacaca ukuthi bafuna isicoco kule sizini.

Ompetha badlale ngokulingana neGolden Arrows esendaweni yesithathu. Le bekungeyona imiphumela ebifunwa ngaMasandawana ikakhulukazi ngemuva kokuhlulwa okokuqala ngeSonto.

Bebefuna ukugcina igebe lamaphuzu amathathu phakathi kwabo noSuthu. Ngeshwa, Abafana Bes’thende bebenezinhlelo zabo njengoba bebheke ukuvikela ukufakwa kwabo okokuqala ebholeni lezwekazi ngesizini ezayo.

Iphuzu kwiSundowns lizokwamukelwa ngabalandeli be-Arrows emuva ekhaya. Kodwa kwiDowns ethembekile lokhu kuzobonakala njengokuhlehla okukhulu.

Khonamanjalo e-Soweto, njengoba abaningi bebebikezele iKaizer Chiefs ibuyele esitayeleni sayo esijwayelekile sokudumaza abalandeli bayo ngemuva kokwehlulwa ngo 1-0 yiChippa United. Kuningi obekulindelwe kwiChiefs ngemuva kokunqoba kwabo bedlala neSundowns ngempelasonto.

Abaningi babikezela ukuthi Amakhosi ngeke awine uma esedlala neChilli Boys njengoba ehlale ebhekana nobunzima uma kuza kumakilabhu amancane ephuma kwiwini enkulu kangaka. Ukungadlali ngokuzimisela bekuyimpilo yeChiefs kule sizini.

Eminye imiphumela ye-Premiership

Stellenbosch 0-1 iMaritzburg United; Swallows 1-1 SuperSport United; Baroka 0-1 TS Galaxy; Tshakhuma Tsha Madzivhandila 1-0 Bloemfontein Celtic.

Umthombo wesithombe: @kickoffmagazine