AmaZulu agaqele isikhundla seSundowns

Dylan Bettencourt

AmaZulu agcine indawo yawo yesibili ngokunqoba umdlalo ngesikhathi bebhekene neTS Galaxy ngoMgqibelo. Umqeqeshi uBenni McCarthy kanye nezinsizwa zakhe bazithola besele ngamaphuzu amathathu kuphela ngemuva kweMamelodi Sundowns, njengoba bedlale imidlalo emibili kunabaholi beligi. 

Owayengumgadli weBafana Bafana, uMcCarthy wenze umsebenzi omangalisayo eThekwini. Kanti iqembu lakhe AmaZulu alikaze lihlulwe emidlalweni eyi-14. Leli fomu lizofaka ingcindezi kuSundowns, ebibukeka inesiqiniseko sokuthi izophinde ihambe nesicoco seligi.

Ukunqoba kabili emidlalweni yabo emihlanu eyedlule yamaBrazilians, kuvumele AmaZulu ukuthi athole ithemba embangweni wesicoco.

Ekhuluma ngemuva kokunqoba kwabo, uMcCarthy uthe: “Sijabule ngomdlalo, isimo sabadlali, nangendlela esiziphathe ngayo. Njengamanje sesibuyisele ingcindezi kuzo zonke izimbangi zethu okubalwa, iSundowns neGolden Arrows, abebesishiye ngemuva.”

Uqhube wathi ezakhe ziphoxekile ukubuya nephuzu nje emdlalweni abawudlale nabaholi beligi iSundowns ezinsukwini ezintathu ezedlule, njengoba ebona sengathi iqembu lakhe belifanelwe ukuthola okungaphezulu kulo mdlalo.

Umdlalo olandelayo weSundowns izobhekana neGolden Arrows esendaweni yesithathu bese ibhekana ne-Orlando Pirates, esendaweni yesine.

Le midlalo emibili isemqoka kuSundowns, kanti futhi kumele bayinqobe uma ifuna ukuqinisa amathuba okugcina iligi yayo.

AmaZulu azobhekena neCape Town City neGolden Arrows emidlalweni emibili elandelayo, kodwa kuzodingeka ayinqobe yonke imidlalo eyisithupha yokugcina uma efuna ukweba i-DStv Premiership kuSundowns.

Umthombo wesithombe: @TimesLive

Izihloko zakamuva