Lubhalwe nguRorisang Modiba
Amavukelambuso e-M23 axoshe imindeni e-Goma, eyisola ngokuthi ingeyase-Rwanda futhi ethi amaphepha ayo angawomgunyathi.
Abazibonele bathi abesifazane nezingane bebephakathi kwalabo abaqoqwa bathunyelwa e-Rwanda ngaphandle komazisi babo.
Amavukelambuso e-M23 axoshe imindeni e-Goma, eyisola ngokuthi ingeyase-Rwanda futhi ethi amaphepha ayo angawomgunyathi.
Abazibonele bathi abesifazane nezingane bebephakathi kwalabo abathunyelwa e-Rwanda ngaphandle komazisi babo.
Amavukelambuso e-M23 abehlomile akhiphe izinkulungwane zabantu e-Goma, ethi bangabafuduki abasuka e-Rwanda ngokungemthetho.
Okhulumela i-M23 uWilly Ngoma ngoMsombuluko ukhombise iqulu labantu abangu-181 wathi bangabantu base-Rwanda abangenalo ilungelo lokuba kuleli.
Abazibonele bathi leli qembu liqoqwe lalayishwa emalolini. Omazisi babo base-Congo bashisiwe, abe-M23 bathi amaphepha abo angombombayi.
Kwabasusiwe bekukhona abesifazane nezingane, okukholakala ukuthi ngamalungu omndeni.
Iningi lemindeni eyaxoshwa idabuka e-Karenga e-North Kivu, indawo eyake yalawulwa i-Democratic Forces for the Liberation of Rwanda (FDLR).
I-FDLR inomlando wodlame esifundeni.
I-M23 kanye nohulumeni wase-Rwanda bobabili basola abaholi base-Congo ngokweseka i-FDLR.
Imindeni eminingi yayikade ihlala kwikhempu yabafuduki e-Sake, eduze kwase-Goma, ngaphambi kokuba ithathwe.
Inhlangano yabafuduki ye-United Nations ithe abantu abangu-360 babuyiselwe e-Rwanda ngoMgqibelo. Okhulumela u-Eujin Byun ukuqinisekisile ukususwa kwabo.
I-Eastern Congo inothe ngezimbiwa phansi kodwa sekuphele amashumi eminyaka kuliwa phakathi kwamasosha kahulumeni namaqembu ahlomile. I-M23 ingelinye lamaqembu amavukelambuso akhuthele endaweni futhi, ngokochwepheshe be-UN, isekelwa amasosha ase-Rwanda alinganiselwa ku-4,000.
Esithombeni esingenhla: Amavukelambuso.
Umthombo wesithombe: Ifayela