Amavukelambuso e-DRC asebeke phansi izikhali ngemuva kokubulala abantu abangu-900

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Amavukelambuso ase-mpumalanga ye DRC asecele ukuthi kumiswe ukulwa ngemuva kokubulala abantu abangu-900 nokuphoqe abangu-400,000 ukuthi babaleke emakhaya kusukela ngoMasingana.

I-Rwanda iyaphika ukuthi isiza amavukelambuso kodwa imibuso yomhlaba iyakugxeka ukulwa okucekele phansi imiphakathi eminingi.

Amavukelambuso e-Democratic Republic of Congo (DRC) athi azozibeka phansi izikhali ngemuva kokubulala abantu abangu-900 nokuphoqe izinkulungwane ukuba zibaleke emizini yazo.

Amavukelambuso okuthiwa basekelwe i-Rwanda, abelwa ngase-Goma, idolobha elikhulu lase-DRC.

Bazibiza nge-Congo River Alliance futhi babalwa neqembu le-M23.

Inhlangano yeZizwe Ezihlangene ithi impi isibulale okungenani abantu abangu-900 kwalimala abanye abangu-2,880.

Bangaphezu kuka-400,000 abantu okuye kwadingeka babaleke emakhaya kusukela ngoMasingana.

Amavukelambuso athi amisa impi ngenxa yezizathu ezithile ezithinta ubuntu ngemuva kokuthatha izindawo ezinkulu. Bathembisa ukuhlala lapho bekhona bangayi phambili.

Kodwa amazwe omhlaba athukuthele. Amazwe e-G7 kanye ne-European Union athi amavukelambuso ephula umthetho wase-DRC.

Amavukelambuso athi kwakumele alwe ngoba amasosha ase-DRC abesebenzisa izindiza ukuqhumisa amabhomu ezindaweni ezihlala abantu.

UMengameli wase-Rwanda uPaul Kagame uthi izwe lakhe alithumelanga amasosha ukuthi ayosiza amavukelambuso.

Kodwa uxwayise ngokuthi i-Rwanda izozilwela uma idinga ukuzivikela.

Le mpi isiphoqe amakhulu ezinkulungwane zabantu ukuthi bashiye amakhaya abo kule minyaka emithathu edlule.

Abaningi manje bahlala kumakamu bengenakho ukudla okufanelekile nendawo yokuhlala.

Esithombeni esingenhla: Abagcini bokuthula be-UN e-Congo.

Umthombo: @UN

Izihloko zakamuva