Amavukelambuso aletha ihlazo efeni likababa: ISilo uMisuzulu 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sithe impi yobukhosi eliwa amavukelambuso isifake ithunzi elimnyama phezu kwefa likayise owakhothama iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.

ISilo uMisuzulu sizwakalise lokhu kukhathazeka ngesikhathi kuvulwa iNdlu yobuholi boMdabu kanye nobuholi bama-Khoi San esiShayamthetho esidala saKwaZulu-Natal oLundi, ngoLwesibili.

Uthe uyise iSilo uZwelithini uyaphenduka kumanje ethuneni lakhe njengoba isigodlo sakhe siphendulwe inkundla yombango ngabafuna ukuthatha ubukhosi ngenkani.

“Lokhu kuyihlazo kubaba ngemuva kokusebenza kanzima kangaka kulobu bukhosi iminyaka eya kwengu-50. Ngizoya enkantolo ngiyozivikela mina nesizwe. Abanye basebukhosini sebenze ngokwedlulele ukuhlambalaza igama lalesi sizwe.

“Ukuhlaselwa ngamazwi emphakathini kungcolise isizwe samaZulu emhlabeni kanye nakuleli lizwe,” esho.

Lo mcimbi wenzeke ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuthi kuphele iminyaka emibili kwakhothama iSilo uZwelithini ngomhlaka-12 kuNdasa ngo-2021.

Khonamanjalo, amavukelambuso aholwa uMntwana uThokozani kanye nomfowabo weSilo uMisuzulu, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini bafuna iminikelo yokuxhasa icala labo elibhekene neSilo uMisuzulu eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng.

Icala lizoqulwa kusukela ngomhlaka-31 kuNhlaba kuze kube umhla zimbili kuNhlangulana.

Amavukelambuso aveze ukuthi icala selibadle imali ecishe ifinyelele ku-R2 million kanti kulindeleke ukuthi ibe ngaphezu kwalokho.

ISilo uMisuzulu sicele abaholi bomdabu ukuthi bakhulekele ubumbano ebukhosini kuphele izingxabano ezikhona ngodaba lwesihlalo sobukhosi.

UMntwana uSimakade nabalandeli bakhe bakholwa ukuthi nguyena okufanele athathe isihlalo sobukhosi njengoba athathwa unina weSilo uMisuzulu, uNdlunkulu uMantfombi kaSobhuza Zulu wakwaKhangelamankengane.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sahlonishwa uMengameli uCyril Ramaphosa ngaphansi koMthetho woBuholi beNdabuko kanye noMthetho wama-Khoi San.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal ukhiphe isabelomali sawo sonyaka sika-R65 million kanti ngoLwesihlanu kulindeleke ukuthi sinyuswe uma uNgqongqoshe wezeziMali uNkk Peggy Nkonyeni ememezela isabelomali sakhe sesifundazwe sika-2023/2024.

Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu kaZwelithini, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomsa Dube Ncube kanye noKaputeni uNqobile Gwala

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva