Amathimbazane nebhizinisi lama-oysters

Kamogelo Olaitan

Selokhu usonhlalakahle uFatou Janha Mboob asungula i-TRY Oyster Women’s Association ngo-2007, lonke uhwebo lwe-oyster lwase-Gambia seluthathwe ngabesifazane.

Bayawavuna, bawacubungule, bawapheke bese beyawadayisa.

Ngo-2012, uMboob waphumelela ekutheni anxenxe uhulumeni wase-Gambia ukuthi anikeze amalungu e-TRY amalungelo akhethekile okuvuna endaweni yase-Tanbi.

Bonke abasebenzi besifazane bayingxenye yephrojekthi enombono ozinikele ekuvikeleni amahlathi asezindaweni ezingamaxhaphozi.

UMboob uthe ufuna ukwenza abavuni babe yingxenye ehlangene ye-ecosystem, kunokuba balwe nakho.

Ngosuku olujwayelekile, uma igagasi lehle ngokwanele ukuthi kungasetshenzwa, abesifazane bagwedla izikebhe zabo eduze kwase-Lamin Bolong, umfula ongenela ku-Gambia River okungenani amahora ayisithupha beqoqa ma-oysters ezimpandeni zomhlume ezivelile.

Ngesikhathi amanzi ekhuphuka nezimpande zomhlume sezingaphansi kwamanzi, abesifazane baqala ukulungisa ama-oysters aluhlaza ngokuwabiliisa emigqonyeni emikhulu yensimbi, bese bekhipha inyama empungaluhlaza, ephonswa kobhasikidi.

Izinto azikaze zibelula kulaba besifazane, basebenza imihlume ngendlela ehlukile, begenca izimpande ngokuphelele futhi bathola ama-oyster amancane, angadayiseki, kanti balahlekelwa imali ngaleso sikhathi.

Kungaleso sikhathi lapho uMboob abona  isidingo sokuhlela izinhlelo zemfundo ne-United Nations Development Programme (i-UNDP) lapho amalungu ayefundiswa khona ukuvuna ama-oysters ngaphandle kokugenca izimpande zomhlume.

Ama-oysters alungisiwe, agcwaliswe kobhasikidi adayiswa emgwaqeni ahanjiswe nasezimakethe enhlokodolobha yezwe i-Banjul lapho athengiswa khona.

Kodwa uMboob uthi manje sebedinga indawo yokucubungula lapho bengacosha khona ama-oysters bawadayise ezitolo ezinkulu, emahhotela nasezindaweni zokudlela zasendaweni.

“Awukwazi ukuthatha ama-oyster adayiswa emgwaqeni uwadayisele isitolo esikhulu,” esho.

Imizamo kaMboob ayizange ibonakale. Ngo-2012 uthole umklomelo we-Equator ku-UNDP Equator Initiative.

Futhi ngo-2019, ubuholi bakhe babonakala ngesikhathi ethola umklomelo we-Young Business Innovation of the Year ku-Global Youth Innovation Network Gambia.

Ngosuku oluhle, owesifazane ngamunye angase avune, ashise futhi adayise ama-oysters anele ukwenza u-R600.

“Sifuna abantu bazi ukuthi abavuni babalulekile. Yibo abavikela imvelo, abavikela i-Tanbi nemihlume. Abavuni bayanakekelana. Ngenxa yalokho, nokusebenza kanzima kwabo, banikwa amandla,” kusho uMboob.

Izihloko zakamuva