Amathikithi e-Formula 1 azodayiswa ngaphansi

Dylan Bettencourt

Njengoba isivumelwano sokubuyela kwe-Formula 1 eMzansi sekusele izinyanga ukuthi sifike abantu bakuleli bazothola amathikithi ngenani elehlisiwe e-Kyalami.

“Kumele kucace ukuthi asifuni  abantu bakuleli bangawuhambeli lo mjaho,” kusho umsunguli oyisikhulu esiphezulu se-South African Grand Prix Association uWarren Sheckter etshela i-Double Apex.

“Ngakho-ke amathikithi azokwehliselwa abantu bakuleli. Kuzoba namathikithi azobekwa eceleni azotholwa izakhamuzi zakuleli kuphela.”

Ngenxa yokubuya kwe-F1 endaweni yase-Kyalami zibukeka zanda izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nentengo yamathikithi.

Amathikithi e-F1 abiza ngendlela emangalisayo. Njengamanje ithikithi elishibhe kakhulu lomjaho we-F1 lingu-R2,600 uma uzohlala kwi-grandstand e-Bahrain Grand Prix.

Akumangalisi ukuthi ithikithi le-grandstand elibiza kakhulu lise- Monaco futhi lidayiswa ngo-R11,200.

“Amanani amathikithi azobe engazweli kakhulu kumlandeli we-F1 ojwayele ukulithenga,” kusho uSheckter indodana kaJody Sheckter wakuleli owawina umqhudelwano we-Formula 1 yonyaka ka-1979.

Ezinye izinguquko okumele bazenze e-Kyalami Grand Prix ukwandisa umthamo ufinyelele kubantu abangu-90,000. Lokhu kufaka phakathi abantu abazongena, abazothola izindawo zokuhlala ze-Grandstand kanye nezindawo zezivakashi.

Ukuqagela kokubuyela kwe-F1 e-Kyalami Circuit okokuqala ngqa kusukela ngo-1993 bekukhulunywa ngakho emasontweni ambalwa edlule.

Isikhulu esiphezulu se-F1 uStefano Domenicali uhlangane nomnikazi we-Circuit uToby Venter ngemuva kosuku lwe-Azerbaijan Grand Prix nokubhebhethekise amahlebezi okuthi kuzobuya imijaho.

USheckter uthe ukubuya kwe-F1 kuzonikeza umfutho omkhulu ezweni.

“Kumele ubheke ukuthi umcimbi we-Formula 1 uletha yiphi intuthuko ezweni,” kusho uScheckter etshela i-BBC Sport Africa.

“Wonke umuntu uwubheka njengomdlalo omuhle kakhulu kodwa iqiniso ukuthi uletha intuthuko enkulu kakhulu ezweni.”

Egqamisa ngokuhlomula kwezomnotho kulo mjaho uSheckter uveze ukuthi amabhizinisi amaningi kanye nohulumeni baseka lo mjaho ngezimali

Ngemuva kokuphuma kwe-Russian Grand Prix emqhudelwaneni kulandela ukuhlasela kwayo i-Ukraine, i-Formula 1 ibheke ukuvala lelo gebe kanti elakuleli libonakala lisemathubeni amaningi okusingatha i-Formula 1.

Umthombo wesithombe: @RaceFans

Izihloko zakamuva