Amathe abuyele kwasifuba kwababegxeka umqeqeshi wePirates

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ngesikhathi uJose Riveiro eqokwa njengomqeqeshi we-Orlando Pirates ngoNhlangulana nyakenye kwaba isinqumo esingalindelekile esenziwa abaphathi beqembu.

Ubengaziwa kuleli futhi ubengakaze asebenze kuleli zwekazi phambilini.

Lo mqeqeshi wase-Spain ubengakaze abhekwe njengomuntu ongcono kunomqeqeshi wase-Germany uJosef Zinnbauer owayengowokugcina waphesheya ukuhola leli qembu lase-Soweto ngaleso sikhathi.

Bekubukeka njengokugembula ngePirates kodwa ezinyangeni ezine eqale umsebenzi wakhe uRiveiro uwine isicoco se-MTN8 okuyisisicoco sakhe sokuqala ekuPirates.

Ezinyangeni eziyisikhombisa kamuva uqondise iPirates ekutheni ithole indawo yesibili kwi-Premier Soccer League, wathola indawo kwi-CAF Champions League ngaphambi kokuwina i-Nedbank Cup ngoMgqibelo.

“Ngicabanga ukuthi bekuyingqophamlando kuze kwaba sekugcineni futhi kunambitheka kahle kakhulu,” kusho uRiveiro etshela abezindaba

“Mhlawumbe asizange sidlale ibhola elihle kakhulu kodwa besiqhudelana kakhulu futhi lokho kubaluleke kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi sikwazile ukwenza kahle phakathi nesizini kuyo yonke imiqhudelwano nakuyo yonke imidlalo futhi ngicabanga ukuthi lokho kuzoba usizo olukhulu eqenjini ngokuzayo.

“Imidlalo ibijabulisa abantu nabalandeli ngokwanele ngemizwa kuze kwaba sekugcineni. Lokho kuhle hhayi kumqeqeshi kuphela kodwa nakubalandeli.”

Njengoba efike kuleli engenawo umlando wokuwina izindebe uRiveiro ubengakaze aqeqeshe ngisho noma yiliphi iqembu elisezingeni lePirates.

Isipiliyoni sakhe bekungesikhathi eseqenjini elithuthukayo likaCelta Vigo kanye nokuba iphini likamqeqeshi emaqenjini ase-Finland i-FC Honka, i-PK-35 kanye ne-HJK Helsinki ngaphambi kokuthatha umsebenzi wokuba umqeqeshi omkhulu kwi-Inter Turku kwiligi efanayo.

Ngesikhathi efika kuleli wabizwa “nge-plumber” okuyigama elisetshenziswa kubaqeqeshi base-Europe abafika e-Afrika ne-CV ngaphandle komlando wokuwina izicoco.

Manje lo mqeqeshi ungomunye wabahlanu abashaye iMamelodi Sundowns kule sizini futhi usebheke kwi-Champions League efunwa kakhulu.

Esithombeni esingenhla: I-Orlando Pirates igubha i-Nedbank Cup

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva