Amatekisi ase-Botshabelo ayakunakekela – nezinto zakho eziyigugu!

Kabelo Tlhabanelo

Wonke umuntu uyazi ukuthi, uma ulahlekelwa yizinto zakho eziyigugu ezimotweni zokuhamba zomphakathi, kufanele uvele ukhohlwe yizo.

Kodwa osomatekisi base-section L, M, no-N e-Botshabelo, e-Free State bawushintshile lowo mqondo ngokuqala uhlelo ngowezi-2019 lokusiza ukuhlanganisa abagibeli nezinto zabo ezibalulekile.

Omunye wabahleli bezinto ezilahlekile nezitholakele, uTsietsi Masithela, uthe bayabazi ubuhlungu bokukhohlwa izinto zabo etekisini.

“Ziningi izinto esizishiywa ematekisini ethu,” esho.

“Sikwazile ukubuyisa izinto ezifana nomakhalekhukhwini, izikhwama ezinemali, amakhadi womazisi, nokhiye, phakathi kwezinye izinto eziningi.”

UMasithela uthe bathembele nakubagibeli abathembekile, ababuyisela izinto kumshayeli wetekisi uma bezithola esihlalweni esingemuva.

Uthe basebenzisa uFacebook ukwazisa abagibeli ngezinto zabo abazitholile.

“Besithola ucingo oluvela kumnikazi bese sibuza imibuzo ethile ukuqinisekisa ngaphambi kokubuyisa izinto.”

UDimakatso Mokhathi, umgibeli odabuka e-section L, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wakhohlwa isikhwama sakhe esinemali eyizi-R1,250 ngaphakathi, etekisini.

“Ngangilahle ithemba lokuthi ngizoyithola imali futhi ngangikhathazekile ngamakhadi ami,” esho.

Kodwa ngemuva kokushayela ucingo erenki watshelwa ukuthi isikhwama sakhe sitholakele.

“Bengijabule kakhulu. Ngijabule ngalolu hlelo. Nginxusa abagibeli ukuthi babe wusizo uma kukhona abakutholayo etekisini,” esho.

UThapelo Mosiuoa, ovela e-section M, uthe wabuyiselwa umakhalekhukhwini wakhe yakwa-Samsung ngoMfumfu odlule.

“Ngithole umakhalekhukhwini wami ngakusasa ngemuva kokucinga itekisi engangigibele kulo,” esho.   

Izihloko zakamuva