Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UYanga Fulumeni waseGeorge uthi amanani entengo yamabhasi ngesikhathi samaholidi aphakeme kakhulu futhi amanye amabhasi awafiki, ngakho washintshela ematekisini amabanga amade.
Manje useya eMthatha ngetekisi njalo ngekota, ethi ashibhile futhi ambeke emnyango wakubo.
UYanga Fulumeni wayejwayele ukuya ekhaya eMthatha ngebhasi ekupheleni kwekota ngayinye yesikole. Kepha manje usethatha amatekisi amabanga amade futhi uthi angeke abuyele emabhasini.
Lo mfundi oneminyaka engu-21 ubudala uhlala eGeorge eWestern Cape kodwa uvakashela ekhaya e-Eastern Cape ngamaholidi. Uthi amabhasi kwaba yiwona kuphela ayewukhetha. Kodwa lokho kwashintsha lapho amanani enyuka futhi isevisi iba yimbi kakhulu.
“Kulo nyaka, ngicishe ngangagoduka ngoKhisimusi ngoba amathikithi ebhasi abemba eqolo,” kusho yena.
“Kwabe sekukhona ongitshela ngamatekisi ahamba amabanga amade, ngangingakaze ngiwacabange ngoba ngangihlale ngizwa ngezingozi zamatekisi.”
Kodwa ngazama.
“Ngamangala ngenani lentengo lalihlala linjalo ngisho nangamaholide. Itekisi yangilanda yangibeka endlini yami. Bengilokhu ngisebenzisa amatekisi kusukela lapho.”
UYanga uthe unezinkinga eziningi ngezinkampani zamabhasi.
“Abafiki njalo. Kwesinye isikhathi bafika sekudlule isikhathi noma bengafiki nhlobo. Futhi uma befika, basuke sebegcwele ngoba bathatha abagibeli endleleni.
Uthe izikhalo zakhe ezinkampanini azinakwa.
“Ngamatekisi, ngiyazi ukuthi kufanele ngiyephi uma kunenkinga. Kodwa eminyakeni emithathu, angikaze ngibe nezinkinga. Athembekile futhi iyathengeka.”
Esithombeni esingenhla: Amatekisi ahamba amabanga amade erenki e-Eastern Cape.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
