Amaswidi adayisa eSpaza anobuthi abulale izingane ezimbili Ekurhuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Izingane ezimbili ezineminyaka eyisishiyagalombili zishone ngemuva kokudla ukudla okunguncamnce  okuthengwe ezipaza zasendaweni, okubeke isibalo sabantu asebeshonile emashumini amabili nantathu kusukela ngoMandulo.
  • Abazali bafuna kuqiniswe ukubhekwa kwemibhalo esemaphakatheni ezitolo ngemuva kokushona kwezingane zabo ngenxa yezinsolo zokuthi zidle ubuthi.

Izingane ezimbili ezineminyaka eyisishiyagalombili ubudala zase-Ekurhuleni zishone ngoLwesihlanu ngemuva kokudla amaswidi kanye nokudla okunguncamnce okuthengwe ezipaza zasendaweni.

Isibalo sabashonile sesingamashumi amabili nantathu kusukela ngoMandulo.

U-Inaminkosi Mazibuko waseTsakani kanye noMinenhle Khanye waseDuduza bahlaselwe ukugula ngemuva kokudla amaswidi athengwe esipaza.

Unina ka-Inaminkosi, uNksz Nomfundo Mazibuko, uthe indodana yakhe yagula iphuma esikoleni.

“Ubekhishwa  yisisu futhi ephalaza, ngakhathazeka ngesikhathi ngibheka amahlanzo akhe ukuze ngibone ukuthi udleni ngabona izinhlobo ezahlukene zokudla okunguncamnce.

“Umphako wakhe bekungoncamnce engangibathenge eSpaza  sasendaweni  ngamnika nemali azoyiphatha esikoleni,” kusho yena.

Ubecabanga ukuthi usengcono ngesikhathi eyodlala kodwa isimo sakhe saba sibi kakhulu ebusuku.

“Samphuthumisa emtholampilo waKwa-Thema ngezithuba zangabo-10 ebusuku nokufike kwaqinisekiswa khona ukuthi udle ubuthi wamagundane sabe sesidlulela esibhedlela iPholosong nokuyilapho okifike khona kwatholakala ukuthi useshonile,” usho kanje.

Unina kaMinenhle, uGermina Khanye, uthe indodakazi yakhe idle  obuwushokoledi namaswidi angagoqiwe aziwa ngokuthi i-makgosha okuthengwe esipaza sendawo.

.

“Udle labo ncamnce wapha nabangani bakhe ababili emini kanye noshokoledi ntambama.

“Kusihlwa, udle amaswidi amabili ngemuva kokudla ipapa nobisi. Ngezikhathi zangabo-10 ebusuku wavuka ekhala ngokuthi umphimbo wakhe ubuhlungu futhi waqala ukuphalaza,” esho.

Ushonele esibhedlela iDunnottar ngenxa yokudla ubuthi.

Yomibili imindeni ifuna uhulumeni abheke izipaza, abakhiqizi  kanye nabadayisi ngokucophelela.

Bathe yize izitolo zabokufika Kwa-Thema naseDuduza zivaliwe, abanikazi bezitolo basendaweni bathenga isitokwe kubadayisi abasha.

“Abanye babanikazi abasha basebenza ezitolo bemele abokufika,” usho kanje.

Izakhamizi ebezithukuthele zibakhiphile oncamnce namaswidi emashalofini ezitolo ngeSonto nangoMsombuluko.

Abasesithombeni esingenhla: U-Inaminkosi Mazibuko kanye noMinenhle Khanye.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva