Amasu okusebenza kuHulumeni woBumbano kaZwelonke 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshavheni uthi uHulumeni woBumbano kaZwelonke (i-GNU) uzohlangana maduze ukuze ulungise izinto eziza kuqala kuhulumeni wesikhombisa wezwe.

Ukhulume nabezindaba ngoLwesine kulandela ukufungiswa kwephini likaMengameli, oNgqongqoshe abangu-32 namaphini oNgqongqoshe angu-43 abayingxenye ye-GNU ePhalamende.

Ukuze kuqhutshekwe nomsebenzi, uHulumeni uzobamba okuthiwa i-lekgotla okokuqala ngoLwesine nangoLwesihlanu oluzayo, lapho okuzonqunywa khona okubalulekile kuHulumeni wesikhombisa.

I-ANC iphoqeleke ukuthi isungule i-Government of National Unity (GNU) ngemuva kokuhluleka ukuzuza iningi okhethweni lukazwelonke ngomhlaka-29 kuNhlaba.

UNtshavheni uthe i-Forum of South Africa Directors-General isihlaziye osomqulu bamaqembu aku-GNU.

“Isithangami sizoletha iziphakamiso ukuze zicutshungulwe futhi zamukelwe ku-lekgotla yeKhabhinethi. UMengameli uzomemezele uhlelo lokusebenza olwamukelwe ekuvulweni kwePhalamende ngomhlaka-18 kuNtulikazi,” kusho uNtshavheni.

Okubalulekile kuhulumeni kanye nasohlelweni lokusebenza kubhalwe ohlakeni lwesu lokusebenza lwesikhathi esimaphakathi (MTSF), oluqondiswa i-GNU.

“Ngemuva kokwamukelwa kwe-MTSF, iminyango ngayinye izolindeleka ukuba yenze izinhlelo zamasu ezixhumene ne-MTSF kanye nezinhlelo zokusebenza zonyaka zokuqaliswa kwezinhlelo zamasu kanye nemigomo ye-MTSF. Iminyango izobe seyethula kokubili, izinhlelo zayo zamasu kanye nezinhlelo zokusebenza zonyaka ePhalamende ukuze lizibheke,” kusho uNtshavheni.

UMengameli kanye noNgqongqoshe ngabanye abanomthwalo wemfanelo wokuletha izindaba zenqubo-mgomo kanye nezinqumo ezinkulu, njengezinqumo ezinemiphumela yezezimali ezedlula isabelo-mali esigunyaziwe somnyango nanoma yiluphi olunye udaba, kwiKhabhinethi.

“Lokhu kuwumkhuba wethu omusha. Siyaphoqeleka ukuthi sisebenzisane ngokufunwa ngabavoti ngokwenza okuhle ngokubambisana,” kusho uNtshavheni.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uKhumbudzo Ntshavheni.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva