Amasosha azogada iziteshi zakwa-Eskom

Uhulumeni uthumele amasosha ukuthi avikele iziteshi zikagesi zakwa-Eskom ekuntshontshweni nasekucekeleni phansi okungezinye zezinto ezidala inkinga kagesi.

Lesi sinyathelo siza njengoba ukucishwa kukagesi kukhuphukele esigabeni sesithupha.

IHhovisi likaMengameli lithe amasosha angu-880 azohlala eziteshini zakwa-Eskom kuze kube umhlaka-17 kuMfumfu – amasosha angaphansi kwabejutshwe ngoNdasa nangoMbasa ngesikhathi amasosha angu-2,700 etshalwa ukuthi agade iziteshi zikagesi.

Khonamanjalo, ngoLwesihlanu iNkantolo eNkulu yasePitoli ikhiphe isinqumo sokuthi izinsiza ezibalulekile zikahulumeni ezifana nezibhedlela nemitholampilo kufanele zingacishelwa ugesi nokuthi zingakapheli izinsuku ezingu-60 uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan kumele “athathe izinyathelo ezifanele” ukwenza lokhu.

Luhlanganiswe ngu-Anita Dangazele

Izihloko zakamuva