Amasosha ayavuma ukuthi aketule uMengameli wase-Guinea

Amasosha ase-Guinea athi aseketule uMengameli u-Alpha Conde aphinde athatha isizwe sase-Afrika esisentshonalanga.

Amasosha akhethekile abatshela isizwe ukuthi sebehlakaze uhulumeni wabo nomthethosisekelo, base bevala yonke imingcele.

Ividiyo eqoshiwe eveza uMengameli uConde engungwe amasosha ibilokhu igcwala ezinkundleni zokuxhumana.

Ngemuva kokuqhuma kwesibhamu ngenhla yedolobha ngeSonto ekuseni, uthe ukuvukelwa kombuso sekunqandiwe.

Ophethe amasosha uMamady Doumbouya uthe ukuhlupheka nokukhwabanisa sekunqandiwe.

“Sizoqala phansi sihlele kabusha umthethosisekelo” kusho uMamady.

Ngesikhathi bebhekene nenhlupheko ezweni labo, uConde ubafakele enye inhlekelele kwezepolitiki ngoMfumfu ngesikhathi ethatha ihlandla lesithathu, ngemuva kokushintsha umthethosisekelo ukuze umvune ukuba aphathe futhi.

Unobhala-jikelele wezizwe ezihlangene u-Antonio Guterres ukugxeke kakhulu “ukuthathwa kwesikhundla sikahulumeni ngendluzula” wase wafakela amasosha inselela yokuba akhiphe uConde ngokushesha.

Izihloko zakamuva