Amasosha asindise umndeni emotweni evuthayo

Umndeni usindiswe emotweni evuthayo ngamasosha e-SANDF namaphoyisa endaweni yase-Boipatong.

Amaphoyisa namasosha ebesebenza esitaladini sase-Mamelodi ngoLwesibili lapho abona khona imoto ivutha umlilo.

Lokhu kutakula kwenziwa ngamalungu amane kwabangamashumi amabili nanye e-SA Infantry Battalion, ese-Soweto. Abatakuli nguMaseko, uPoolo, uKgomo Kanye noSigwavhulimu.

Umama kanye nengane yakhe enezinyanga ezinhlanu, bebenamanxeba amakhulu, baphuthunyiswe esibhedlela sase-Sebokeng nge ambulensi ye-SANDF.

Ubaba ugxume esihlalweni somshayeli waphunyuka enamanxeba amancane.

Izihloko zakamuva