Amasosha ashaqe iloli ebelithwele amaphilisi abiza uR223 million

Nothando Makhubela

Amasosha ombutho wezokuvikela kuleli i-South African National Defence Force (SANDF) ashaqe amaphilisi avusa induku alinganiselwa ku-R223 million ngoMsombuluko.

Lokhu kwenzeke ngemuva komkhankaso wezobunhloli oholele ekuboshweni komshayeli weloli elithwala impahla ebeliwela umngcele lisuka e-Mozambique lilibangise kuleli echwebeni lase-Lebombo Entry, e-Komatipoort.

La maphilisi abeshushumbiswa esuka e-Mozambique elethwa kuleli.

UMqondisi we-SANDF Defence Corporate Communication, uBrigadier General Andries Mokoena Mahapa uthe amalungu abo avimbe iloli elithwala impahla ebelisuka e-Mozambique lithwele izigaxa zommbila.

“Ngesikhathi amasosha esesha athole ukuthi ngaphansi kwesigaxa sommbila, bekunamabhokisi angu-107 anamaphilisi e-Sildenafil Citrate e-Cobra-120,” esho.

Umshayeli weloli uboshwe endaweni yesigameko.

“La maphilisi abiza imali elinganiselwa ku-R223 million,” engeza.

Uthe icala selidluliselwe kwa-SAPS ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

I-SANDF ithembise ukuthi izoqhubeka nokulwa nobugebengu obenziwa emingceleni obuwohloza umnotho wakuleli.

Esithombeni esingenhla: Kushaqwe amaphilisi avusa induku abiza nani lika-R223 million ewela umngcele wase-Mozambique

Izihloko zakamuva