Dylan Bettencourt
Ngemuva kohide lwamahlazo embuthweni wamasosha aseBrithani, amasosha awasavunyelwe ukuthenga kwabadayisa ngomzimba uma ethunyelwe ngaphandle kwezwe.
UMnyango wezokuVikela uveze ukuthi noma yiliphi isosha okuzotholakala lenza ucansi ngaphandle kwase-UK ngesikhathi lisembuthweni lizocelwa ukuthi lishiye umbutho wamasosha. Kodwa amasosha avumelekile ukwenza ucansi nabadayisa ngomzimba e-UK.
Imithetho emisha iphinde ivimbele noma yiliphi ilungu eliphezulu lombutho ukuthi libe nobudlelwano bezothando nelungu elisezingeni eliphansi.
UNgqongqoshe wezokuVikelwa kwaBantu uLeo Docherty uthe le mithetho emisha kufanele ithumele “umlayezo ocacile” wokuthi “ukuziphatha kabi” ngeke kwamukeleke embuthweni.
Lesi simemezelo siza ngemuva kweminyaka eyishumi kwashona u-Agnes Wanjiru wase-Kenya owayedayisa ngomzimba okuthiwa wabulawa isosha laseBrithani.
Isidumbu sikaWanjiru satholwa ethangini lendle ehhotela e-Nanyuki maphakathi ne-Kenya ngemuva kwezinyanga ezintathu egcine ukubonakala encebeleka neqembu lamasosha aseBrithani. Wayenendodakazi enezinyanga ezinhlanu ngesikhathi ebulawa.
Sekungamashumi eminyaka izakhamizi zase-Nanyuki zikhala ngamasosha aseBritain, athunyelwa uma kusehlobo ukuze aqeqeshewe ngaphansi kwamazinga ashisayo.
Ngokuhambisana nokuphathwa kabi kwabadayisa ngomzimba bakwamanye amazwe, sekuqubuke amahlazo mayelana nobudlelwano phakathi kwezikhulu zamasosha ezikhundleni ezahlukene.
Uhide lwamahlazo phakathi kwezikhulu eziphezulu nezingaphansi kuphoqe uNgqongqoshe wezokuvikela waseBrithani ukuthi athathe isinyathelo. Isinyathelo esithathiwe bekuwukuvimbela noma yikuphi ukuxhashazwa ngokocansi phakathi kwezigaba ngokusebenzisa inqubomgomo “yokungabekezeleli lutho”.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi isosha u-Olivia Perks azibulale e-Sandhurst ngemuva kwezinsolo zokuthi uthandana nomphathi wakhe ekuqaleni kwalo nyaka.
“Lo mthetho uzoqinisekisa ukuthi zonke izinsolo zizophendulwa, kungakhathaliseki ukuthi lezi zinsolo zenzeka kuphi, futhi wethula umbono wokuthi kuboshwe noma ngubani otholakala egila imkhuba, okuhlanganisa nokuthenga ucansi ngesikhathi ethunyelwa ngaphandle kwase-UK,” kuchaza uNgqongqoshe.
UNobhala wezokuVikela uBen Wallace uthe sekuyisikhathi sokuthi kuqalwe lezi zinguquko njengoba befuna ukuthi kufakwe abesifazane abaningi embuthweni.
“Impilo iyaqhubeka, kanti nesizukulwane esikhona manje ihlukile. Sifuna bande abesifazane embuthweni wethu,” esho.
Ngenyanga edlule, amakhulu amasosha aseBrithani avinjelwe ukujutshwa i-Nato ngemuva kokuthi kuvele ividiyo yamasosha ayisishiyagalombili enza ucansi nowesifazane ofakwe emagumbini awo ngokungemthetho.
Le vidiyo ikhombisa inqwaba yamasosha ebukela futhi ejabula ngesikhathi kwenzeka lesi senzo socansi. Iphephandaba i-Times libike ukuthi lona wesifazane wake wafakwa emagumbini amasosha ngokungemthetho amahlandla angu-31 ezinyangeni ezinhlanu ezedlule.
Umthombo wesithombe: @UKDefenceJournal