Arthur Greene
NgoMsombuluko ebusuku, umholi weqembu eliphikisayo e-Uganda uBobi Wine ubhale ku-Twitter ukuthi amasosha amvalele emzini wakhe, njengoba izwe lilungiselela ukugcotshwa kukaMengameli uYoweri Museveni mhla ziyi-12 kuNhlaba.
UWine, obephikisana noMuseveni, oneminyaka engama-76, okhethweni lukaMengameli mhla ziyi-14 kuMasingana, wafaka izithombe ezine ku-twitter zamasosha ayehlome eyizingovolo athunyelwe ukuba azungeze umuzi wakhe, kanye nalo mlayezo:
“Sisashubile isimo ekhaya lami. Amasosha amaningi azungeze ikhaya lami, ahlola yonke imoto engenayo noma ephumayo. Konke lokhu ukucindezela amazwi ezakhamizi njengoba umbusi ethwesa umqhele ihlandla lesithupha! Kulokhu ngiyazethemba- SIZONQOBA.”
Akukhona okokuqala uWine evalelwa ngamabutho kaMuseveni. Ngemuva kokhetho, ababukeli abaningi bamazwe omhlaba abathi luyinkohliso, yena nomndeni wakhe bavalelwa endlini.
Ukugcotshwa kukaMuseveni kuzoba ngokwesithupha; unqobe ukhetho lukaMengameli olwedlule oluyisithupha futhi ueephathe iminyaka engaphezu kwengama-35.
Ngemuva kokhetho, wazenqaba izimangalo zokukhwabanisa, walubiza “njengokhetho olungenabo ubuqili” emlandweni wezwe.
Kodwa-ke, amavidiyo aqhamuka ezinkundleni zokuxhumana ngaleso sikhathi abonakale ekhombisa ukukhula kwamasosha ezweni lonke.
Futhi, ngaphambi kosuku lokuvota uhulumeni uvala i-inthanethi, isenzo esigxekwe ngabaqaphi bokhetho.
Kusukela ngokhetho, ukuma kukaWine nedumela lakhe njengosopolitiki kukhule ekhaya nakwamanye amazwe, njengoba iqembu lakhe, i-National Unity Platform, liqhubeka nokudlala indima enkulu kwezepolitiki zase-Uganda.
Umthombo wesithombe: @HEBobiWine