Amasosha ase-Guinea noxhaso oluzosiza kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

UMbutho wamasosha wase-Guinea usukuqinisekisile ukuthi uzokhipha imali yokusiza izwe ukuthi lilungiselele ukusingatha i-Africa Cup of Nations (Afcon) yango-2025.

Lezi zimali ngezokusheshisa amalungiselelo okusingatha lo mqhudelwano ngemuva kokuthi i-Confederation of African Football (CAF) ivakashele kuleliyazwe ukuyobheka inqubekela phambili yokuqhutshwa komqhudelwano wezwekazi.

Leliyazwe laseNtshonalanga ye-Afrika liqale ukubuswa amasosha kusukela ngonyaka odlule. Lokhu kuphakamise ukukhathazeka kwezokuphepha ngokusingatha umqhudelwano ofana ne-Afcon, kanti i-Nigeria izimisele ngokungena esikhaleni se-Guinea isingathe lo mqhudelwano.

Kodwa umphathi kahulumeni wamasosha e-Guinea uColonel Mamady Doumbouya, uthe ukusingatha lo mqhudelwano “kuyinto ebaluleke kakhulu kuzwelonke”.

Noma yiziphi izindleko ezidingekayo ekusingatheni lo mqhudelwano zizokhishwa “ngokuphuthumayo”, esho kumabonakude wombuso.

Umbutho wamasosha uphinde waqinisekisa ukuthi noma yimuphi umhlaba odingekayo kulo mqhudelwano uzongena esigabeni esithakaselwa umphakathi futhi noma yikuphi ukuthengiselana kwezakhiwo okungahlobene nomqhudelwano kuzovalwa kulezo zindawo.

Njengoba kunje, i-Guinea ayinayo ingqalasizinda yezemidlalo nezokuthutha ukuze isingathe lo mqhudelwano onamaqembu angu-24 ngo-2025.

I-Guinea ibihlelelwe ukusingatha lo mqhudelwano ngo-2023, kodwa kwahlehliswa ngeminyaka emibili ngemuva kwezinxushhunxushu zakuleliyazwe ngo-2019.

Ngemuva kokuthi umbutho wamasosha uthathe izintambo ngoMandulo nyakenye lapho uMengameli u-Alpha Condé axoshwa khona esikhundleni, uDoumbouya wathi izwe lizobuyela embusweni wezakhamizi ngemuva kwesikhathi esiyizinyanga ezingu-39.

“Indebe ye-Africa Cup of Nations izosingathwa i-Guinea,” kusho uNgqongqoshe weNtsha nezeMidlalo kuleliyazwe uLansana Bea Diallo ekuqaleni kwale nyanga.

“Ngakho, ngithanda ukutshela bonke abangenele ukhetho ukuthi bazibeke esikhundleni sango-2027, ngo-2029 noma ngo-2031. U-2025 ngowe-Guinea.”

Imibiko iveze ukuthi lo mqhudelwano uzosuswa e-Guinea kodwa isikhulu se-CAF sikuqinisekisile ukuthi lezo zingxoxo azikaze zibe khona.

Umthombo wesithombe: @ForeignPolicy

Izihloko zakamuva