AMASOSHA AKWA-ISRAYELI AHLASELA E-GAZA

Arthur Greene

Umbutho Wezokuvikela wakwa-Israyeli umemezele ukuthi kuthunyelwe amasosha ukuthi ahlasele e-Gaza Strip, njengoba udweshu nePalestine luqhubeka ludla lubi.

Kusukela kwaqubuka udweshu ngoMsombuluko, izindiza e-Israyeli zibulale okungenani abantu abangama-82 base-Palestine ebebese-Gaza, kubandakanya nezingane eziyi-17, ngokusho kwemibiko ye-Al Jazeera.

Kubulewe abantu abayisikhombisa kwa-Israyeli, uhulumeni wabo osola amabutho ase-Palestine ngokusungula amarokhethi angaphezu kwezi-1 600. 

Njengoba udlame selukhuphukile, uvalo lokuhlaselwa komhlaba wakwa-Israyeli belulokhu lukhula njalo.

NgoLwesine ebusuku, i-IDF iqinisekisile ukuthi isiqalile ukusebenza phansi:

Ku-twitter ebithunyelwe phakathi kwamabili babhale ukuthi, “Amasosha aphansi njengamanje ahlasela e-Gaza Strip.”

Kulesi sigaba, akucaci noma le mpi eyokuhlaselwa ngokuphelele e-Gaza ngabakwa-lsrayeli, noma ukuhlaselwa okubhekiswe emasosheni angamaqembu ezempi.

Kungekudala nje ngemuva kokuqinisekiswa kokuhlasela, uNdunankulu wakwa-Israyeli uBenjamin Netanyahu ubhale ku-Twitter ngesi-Heberu:

“Ngithe sizoyikhokhisa imali ebiza kakhulu i-Hamas. Siyakwenza futhi sizoqhubeka nokukwenza ngamandla amakhulu. Igama lokugcina alizange lishiwo futhi lo msebenzi uzoqhubeka isikhathi eside uma kudingeka.”

Amasosha akwa-Israyeli agcina ukungena e-Gaza ngesikhathi sempi yezinyanga ezimbili ngowe-2014, lapho okwabulawa abantu abangaphezu kwezi-2 200 base-Gaza.

Lesi sinyathelo siza njengoba udlame lomphakathi seluqubuke kuwo wonke amadolobha anabantu abahlanganisiwe abangamaJuda nabangama-Arab.

NgoLwesithathu, iqulu labantu bakwa-Israyeli lihudule owesilisa okukholakala ukuthi ubengowase-Arab emotweni yakhe, bamshaya waze walala phansi engasanyakazi.

Phambilini iMeya yedolobha lase-Lod imemezele ukuthi “impi yombango” iyaqala ngemuva kokuba ababhikishi base-Arab bexabane namaphoyisa.

Umthombo wesithombe: @washingtonpost

Izihloko zakamuva