Dylan Bettencourt
Umbutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (iSANDF) awukwazanga ukuthengela amasosha amabhuzi. Ngakho bathe amasosha azithengele wona amabhuzi!
Ukuncishiswa kwesabelomali, amasosha asekhulile kanye nokuntuleka kwezinsiza kwenze amasosha aseNingizimu Afrika asalela emuva.
Ngonyaka odlule amasosha athunyelwa e-Mozambique agula ngenxa yokusebenzisa imishini eyathengwa ngesikhathi sobandlululo.
Umxazululi wamasosha uLieutenant General Vusi Masondo uthe ukungatholakali kahle kwezinto ezikhungweni zamasosha yikhona okuyimbangela yokushona kwabantu embuthweni.
Ngesikhathi umbutho wamasosha aseNingizimu Afrika ulwa neziqandisi ezingasebenzi kahle ukuze izithelo nemifino kungaboli, ukunyuka kwentengo yamabhuzu kubangele ukuthi umbutho ungakwazi ukuwathenga.
Amabhuzu ayebiza u-R600 manje asebiza imali ephindwe kabili. I-SANDF ayizange ikwazi ukuthengela amasosha awo amabhuzu, ngakho iyalele amasosha ukuthi awathenge ngemali yawo.
Njengamanje i-SANDF inamasosha angu-70 000 asebenzisa amathuluzi nezimoto ezindala ezingeke zikwazi ukushintshwa njengoba inkampani ekhiqiza izikhali kahulumeni, i-Denel, ibukeka izovalwa.
Iwebhusayithi yamasosha ibhale ukuthi inqubo yokuqashwa kwamasosha asemancane yahoxiswa ukuze kongiwe.
Izinkinga zezimali ze-SANDF zisho ukuthi amasosha awawutholi umsoco odingekayo, kusho uPiekkie Greef, unobhala-jikelele we-South African Defence Union (iSandu). Uthe kumele bajeziswe labo ababhekene nokuntuleka kokudla kwamasosha.
“Kube nezinye izikhathi ezimbalwa kakhulu, kodwa akuyona into entsha ngoba lokhu kwenzeka kunoma iyiphi indawo yezimpi, futhi umbutho uhlezo uzama ukwenza isiqiniseko sokuthi awekho amacala okudla okonakele kumamarenki.”
Ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa wengeze isikhathi sokutshalwa kwamasosha e-SANDF e-Mozambique ngesamba sika-R2.8 billion.
Amasosha angaba ngu-1,495 aqale atshalwa ngoNtulikazi odlule, futhi uhambo lwawo lunwetshwe izikhathi ezintathu kusukela lapho.
Amasosha athunyelwe ukulwa nezenzo zobuphekula kanye nodlame ezindaweni ezisenyakatho yezwe, kusho uRamaphosa.
Umthombo wesithombe: @eNCA