Amasosha abesifazane aphoqelwe ukuba amashe ngezicathulo eziphakeme

Arthur Greene

Izikhulu zamasosha e-Ukraine zihlekwe umhlaba wonke ngemuva kokukhipha izithombe ezikhombisa amasosha abesifazane emasha ngezicathulo eziphakeme.

Lesi senzo “sobuphukuphuku”, njengoba omunye wezombusazwe wase-Ukraine echaze njengokucwasa nokuthi into engeke yenzeke.

Izithombe zithathwe ngesikhathi kulungiselelwa umcimbi okulindeleke ukuthi ube ngenyanga ezayo.

Umbukiso wamasosha uzogubha iminyaka engama-30 okuzimela kulandela ukwehlukana kwe-Soviet Union.

“Namuhla, okokuqala ngqa, ukuqeqeshwa kwenziwa ngezicathulo eziphakeme,” kusho u-cadet u-Ivanna Medvid enkundleni yezokwazisa yomnyango wezokuvikela i-ArmiaInform.

“Kunzima kancane kunabhuzu amasosha kodwa siyazama,” kwengeza uMedvid.

“Siyabubona ubunzima,” kodwa kunomehluko ukumasha ngezicathulo eziphakeme, awucabange nje amasosha eselwa empini egqoke izicathulo eziphakeme ukuthi kungaba nani?

Lezi zithombe zivuse intukuthelo ezweni lonke laseMpumalanga yeYurophu.

U-Iryna Gerashchenko, oyilungu eliphikisayo ephalamende, uthe ukucwaswa ngokobulili lokhu.

Futhi ezindaweni eziningi izicathulo eziphakeme sezenziwe uphawu lokucwasa ngokobulili emsebenzini eminyakeni yamuva.

Uhlu olude lwamabhizinisi emazweni amaningi ahlukene luthole ukugxekwa ngesikhathi luzama ukuphoqa abasebenzi besifazane ukuthi bagqoke izicathulo eziphakeme

Izicathulo esiphakeme zibuhlungu kubantu abaningi futhi zingalimaza nezinyawo zalowo ozigqokile.

“Kunzima ukucabanga into enganabo ubuhlakani, futhi enobungozi,” kusho u-Inna Sovsun, oyilungu leqembu lama-Golos, egcizelela ubungozi bokulimazwa izicathulo.

USovsun wengeze ukuthi lesi sinyathelo senza ihlaya kumsebenzi owenziwe ngamasosha abesifazane e-Ukraine.

I-Ukraine ibibambene ngezihluthu ne-Russia kusukela ngowezi-2014. U-Olena Kondratyuk, iPhini likaSomlomo weSishayamthetho, uthe kuze kube manje bangaphezu kwezi-13 500 abesifazane asebelwile kule mpi.

Uphinde wanxusa iziphathimandla ukuthi zixolise ngokuhlaza abesifazane.

Umthombo wesithombe: @TheStarKenya

Izihloko zakamuva