Amasistela asola umbhishobhi ngokungaziphathi kahle

Umbhishobhi wamakhatholika e-Texas usole isistela elixhunywe amapayipi okudla ngokwenza isono esimbi kakhulu.

Uthi uphule isifungo sakhe sokuzibandakanya nocansi.

Kodwa lo wesifazane osolwa ngalokhu uthi angeke abhecwe nje ngobubende inyama egayidlanga athule kanjalo. 

Isistela elingaphansi kwenkolo ye-Discalcd Carmelite e-Arlington selithathe izinyathelo zomthetho, lavulela umbhishobhi uMichael Olson kanye nesonto i-Fort Worth Diocese.

Bathi umbhishobhi esebenzisa amandla waqala uphenyo. Uphenye waze wathatha omakhalekhukhwini babo nezinye izinto abazisebenzisayo ehlola imiyalezo yabo yangasese, kodwa umbhishobhi akagcinanga lapho waze wagasela endlini yamasistela ebapheka ngemibuzo cishe kwaphela amahora.

Lesi sibhicongo siqubuke ngemuva kokuthi i-Fort Worth Diocese iphumele obala ngophenyo lwayo ngoMfundisi uMama Superior Teresa Agnes Gerlach ngokwephula isifungo sakhe sobumsulwa, uphinde asolwe ngokuzibandakanya nocansi nomfundisi ongadalulwanga igama lakhe.

Nokho ummeli wamasistela, uMatthew Bobo ukholelwa ukuthi kuningi okwenziwa ngumbhishobhi kunalokho okubonwa ngamehlo.

Uthi u-Olson iso lakhe libheke endaweni eyigugu yamasistela engamahektha angu-72, ebiza u-$20 million (R386 million). Ummeli uphakamisa ukuthi umbhishobhi usebenzisa lesi simangalo esingenasisekelo njengesivikelo sokufuna ukulawula.

I-Fort Worth Diocese, nokho iyaziphika lezi zimangalo futhi igcizelela ukuthi uGerlach wavuma ukwephula imiyalelo eyisithupha yebandla.

Kodwa ukuthatha izinyathelo zomthetho kwamasistela kusitshela indaba ehlukile. Bachaze usizi olunzima ngesikhathi umbhishobhi u-Olson rebuy emphakathini wabo onokuthula ngemuva kokubuya kukaGerlach ekuhlinzweni.

Naphezu kwesimo sakhe esintekenteke futhi esezinhlungwini, umbhishobhi uqhubekile nokungakhombisi uzwelo. Imibhalo yaseNkantolo iveza ukuthi umbhishobhi wavuka umbhejazane, wasabisa ngokuthi uzoyivala le ndawo.

Amasistela athi okwenziwa ngu-Olson kanye ne-Diocese kubakhinyabeze kakhulu ezimalini zabo, njengoba ukushaqwa kwezinto zabo kubavimbe ekukhokheni izikweletu nokusebenza kahle.

Emacaleni avuliwe amasistela asola u-Olson kanye ne-Diocese ngokusebenzisa kabi amandla abo, okubangela ukucindezeleka okukhulu kwengqondo nokuzibandakanya ekuhlaseleni.

Bakhala ngokuthi umbhishobhi useqe igunya lakhe wabatshela ukuthi baphendula ngqo kuPope, hhayi kumbhishombhi wendawo.

Luhlanganiswe umbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: I-Holy Showdown

Izihloko zakamuva