Amasela ezimvu azigwaza ngowawo ngenkathi edelela isikhathi esibekiwe sokubuyela emakhaya

Ngesikhathi amaphoyisa emisa i-Toyota Quantum phakathi kwamabili ngosuku lukaNcibijane, abebecabanga ngakho nje wukunikeza umshayeli inhlawulo yokuhamba isikhathi esibekiwe sokubuyela ekhaya sesishayile.

Kodwa amaphoyisa athola okungaphezu kwalokhu ababekulindele.

Umshayeli wakushaya indiva ngesizathu esithile isikhathi esibekiwe sokubuyela emakhaya. Wayehambisa izimvu ezebiwe.

Umshayeli oneminyaka engama-59 nendodana yakhe eneminyaka eyi-18 batholwe nezimvu ezebiwe eziyi-18 zifihlwe ngaphakathi etekisini e-Azaadville e-Kagiso ngase-Krugersdorp.

Ngokusho kwaloyo okhulumela amaphoyisa ase-Kagiso, uSolomon Sibiya, ngesikhathi amaphoyisa esesha athola lezi zilwane zifihlwe ngaphakathi kwe-trailer – kanye nasekhumbini, eguqulwe yaba iveni lokuthutha.

“Umsolwa uthi wayeqashelwe ukuthutha lezi zilwane kodwa wehluleka ukuveza ubufakazi bokuthenga kwakhe,” kusho uSibiya.

Ubaba nendodana babhekene necala lokweba imfuyo kanti bavele kafushane phambi kweMantshi yase-Kagiso ngoMsombuluko. Icala labo lihlehliselwe uLwesithathu ukuze kuqhutshekwe nophenyo lwamaphoyisa, kanti basazogcinwa esitokisini.

Izihloko zakamuva