Amasela asentshontsha izintambo zikagesi emini kwabha

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abesilisa cishe abangu-10 babonakale bemba izintambo zikagesi e-Denver, eGoli, ngoLwesibili ekuseni futhi abazange bame ngesikhathi kufika izimoto zamaphoyisa akamasipala ebeziphelezele ibhasi eligcwele izikhulu zedolobha.

Kubukeka sengathi amaphoyisa kamasipala abeqaphe kule ndawo awazange ababone.

Laba besilisa bebephethe amapiki, izando nezinye izinsiza zokumba umsele ukuze bathole izintambo.

Bebeqhele ngamamitha angu-500 ukusuka endaweni lapho okwahlaliswa khona cishe abangu-200 abasinda emlilweni waseMarshalltown ngomhlaka-31 ngoNcwaba.

Le ndawo esiyaziwa ngokuthi iseShalazile eqanjwe ngeNduna yakulendawo iseduze nalapho kwalimala khona abesilisa ababili ngenyanga edlule ngesikhathi kuqhuma isiteshi sikagesi besazama ukuganga ngaso.

Oyedwa kulaba ababili kubikwa ukuthi usasesibhedlela uyalulama ngemuva kwesigameko sokuqhuma kwesiteshi sikagesi.

Isakhamuzi saseShalazile, esingathanda ukudalulwa igama sitshele i-Scroll.Africa ukuthi amaphoyisa kamasipala abonakale ezulazula ngoLwesibili lapho bekubonwe khona laba besilisa. Kodwa kubukeka sengathi amaphoyisa awababonanga noma akhethe ukungabanaki.

“Izinga lobugebengu kule ndawo alibekezeleleki lokhu kuyangicasula kakhulu,” kusho isakhamuzi.

Ngesonto eledlule ithimba lezinhlaka zomthetho kanye nezinye izisebenzi zikahulumeni eziphuma eminyangweni eyahlukene yedolobha ziphume umkhankaso wokulwa nobugebengu eShalazile.

UFisokwakhle Myaka ongumgcinimafa we-Cleveland Youth Crime Prevention uthe iShalazile iyindawo egcwele ubugebengu.

“Amacala amaningi abikwa esiteshini samaphoyisa e-Cleveland aqhamuka kule ndawo,” kusho uMyaka, wengeza ngokuthi lamacala ahlanganisa ukudlwengula, ukugebenga kanye namacala ezidakamizwa.

Ukuqashwa kwendawo yaseShalazile kwaphela ngoMasingana ngesikhathi inkontileka yenkampani iphela.

NgoLwesibili izimoto zamaphoyisa kamasipala ezibalelwa kweziyisithupha ziphelezele izikhulu eziphezulu zisuka edolobheni ziya eShalazile. Izakhamuzi zithi lezi zikhulu zichithe cishe imizuzu engu-20 ngaphambi kokuthi zihambe.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa kamasipala aphelezele ibhasi ebelithwele izikhulu zaseGoli ezivakashele imijondolo yaseShalazile eDenver ngoLwesibili.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva