Amasela anamuhla ahlakaniphe kakhulu

Everson Luhanga

Beshayela izimoto zikanokusho, iqembu lezigebengu belibukeka njengezikhothane – ezibukisayo.

Kodwa lezi zimoto ezinesivinini esiphezulu zifeza inhloso yazo: iqembu lezigebengu liphuca abantu abangaqaphile omakhalekhukhwini bese libaleka ngezimoto zalo zikanokusho.

Leli qembu lezigebengu labesilisa nabesifazane belilokhu lisabisa abantu ezindaweni ezahlukene eGoli.

Kodwa manje amanye amalungu eqembu lezigebengu aboshiwe kanti kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye.

ULesedi Kelle, umfundi wase-Richfield Graduate Institute of Technology, ubeyisisulu saleli qembu.

Uthe esinye sezigebengu sihlwithe umakhalekhukhwini wakhe sabaleka. Kodwa wagijima wamlandela.

“Ngimujahile ngemuva. Ngikwazile ukumbamba ngaphambi kokuthi angene emotweni. Ukwazile ukufaka uhhafu womzimba wakhe emotweni ngesikhathi etshela umshayeli ukuthi asuke ngenkathi ngisabambelele kuye engihudula nemoto. Ngibe sengiwa base babaleka ngemoto,” kusho uLesedi.

“Ngilahlekelwe yikho konke obekuphakathi kumakhalekhukhwini wami. Bekunemibhalo yesikole nezabelo engizithunyelwe-online.

“Konke lokhu kungihlukumezile kakhulu futhi kuyasabisa,” esho.

Kodwa abasolwa abathathu ababambe uLesedi inkunzi basejele, ngemuva kokuthi imoto yabo ibonwe endaweni efanayo yamaphoyisa ngoMgqibelo.

“Sibabambile abasolwa sayithatha nemoto. Omunye wabasolwa ubesagqoke ijakhethi ayeyigqoke ngosuku bebamba uLesedi inkunzi,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Hillbrow uSayitsheni uMduduzi Zondo.

Uthe amaphoyisa abophe abasolwa abathathu kulandela ukubanjwa inkunzi okwenzeke e-Joubert Park, waqinisekisa nokuthi owesifazane ubanjwa inkunzi ngesikhathi elinde imoto yokugibela.

Ngesikhathi bebuzwa, omunye wabo utshele amaphoyisa ukuthi umakhalekhukhwini bawudayise enkabeni yedolobha laseGoli.

UZondo uthe lesi sigameko sithathwe ngekhamera ye-CCTV esize amaphoyisa ukuthi abambe abasolwa.

Amaphoyisa abuye acela nezinye izisulu ukuba zize ngaphambili.

“Maningi amathuba okuthi abasolwa abafanayo bebebamba inkunzi abanye abantu endaweni,” esho.

Abasolwa bavele enkantolo ngoMsombuluko lapho benqatshelwe khona ibheyili.

Izihloko zakamuva